BAZOPHELELA ngoLwesithathu ekhempini abadlali beBafana Bafana, ngokusho komqeqeshi wayo, uHugo Broos, ozobe ewaqala ngokugcwele amalungiselelo omdlalo kaGroup K neMorocco wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba se-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka ozayo.
IBafana neMorocco, asebevele bazibekisele izindawo kwi-Afcon, bazodudulana kowokusonga iqoqo ngoMgqibelo ngo-6 ntambama eFNB Stadium, eGoli.
UPercy Tau, odle isicoco seCaf Champions League ne-Al Ahly yase-Egypt ngeSonto, uLuke Le Roux oshiywe ibhanoyi bese kuba uBongokuhle Hlongwane noNjabulo Blom abasuka e-United States of America (USA), ngoMsombuluko ekuseni bebengakafiki ekhempini ngokusho kwalo mqeqeshi.
Lokhu uBroos ukutshele abezindaba ngoMsombuluko esithangamini nabo e-University of Pretoria (High Perfomance Centre), wakubalula nokho ukuthi akanankinga nalokhu ngoba vele ngoLwesithathu, kulapho bezobe beqala khona ukuziqeqesha ngokugcwele nokufaka amaqhinga okudlala neMorocco kubadlali.
“Njengoba sibonile sonke uTau udle isicoco sakhe ngeSonto ngakho-ke ungomunye wabangakafiki ekhempini noLe Roux yena obe nenkinga yebhanoyi,” kusho uBroos.
Lokhu okushiwo uBroos kusho ukuthi uTau uzofika kuleli ngoLwesibili ebusuku kanti uLe Roux ubelindelwe ngawo uMsombuluko.
“Kulaba abazinze e-USA, okungoHlongwane noBlom, nabo abakafiki futhi bazofika ngokwahlukana. UHlongwane uzofika ngoLwesibili ekuseni.
“UBlom, obenomdlalo ngempelasonto, yena usuke muva okuzokwenza ukuthi afike ngoLwesibili ebusuku ,” kusho uBroos.
Lo mqeqeshi waseBelgium ukhombise izimpawu zokungabinayo inkinga ngokuthi namanje isikwati sakhe asikahlangani sonke.
“Okungijabulisayo ukuthi amalungiselelo agcwele omdlalo nokuthi sizosebenzisa maphi amaqhinga sizowaqala ngoLwesithathu ekuseni.”
“Ngaleso sikhathi bayobe sebephelele bonke abadlali ababizelwe kule khempu okuzokwenza umsebenzi ube lula,” kulandisa yena.
UBroos uhlose ukubona iqembu lakhe ngalo mdlalo ukuthi selihambe ibanga elide kangakanani kusukela beqale le ndlela ebheke e-Ivory Coast ngoJanuwari wonyaka ozayo.
Kumhlaba umxhwele lo mqeqeshi ukuthi uzohlola iqembu lakhe ngeMorocco egile izimanga koweNdebe yoMhlaba ngonyaka odlule eQatar, iqeda endaweni yesine.