UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uphumele obala ngokuthi akezukushayelwa umthetho ngumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos ngabadlali okufanele abadlalise eqenjini lakhe iSundowns.
UMngqithi ubekhuluma esithangamini nabezindaba izolo ngaphambi komdlalo weSundowns kusasa ngo-6 ntambama, weCarling Knockout Cup Last 16, ezowudlala neLamontville Golden Arrows, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Ubezwakala eziphendulela kumqeqeshi uBroos, ngokuphawula kwakhe akwenze emasontweni edlule lapho ekhale ngokungadlaliswa kukaTeboho Mokoena kwiSundowns phezu kokwenza kahle uma ebizwe eqenjini lesizwe.
Nakuba noKhuliso Mudau uke wangamdlalisa uMngqithi, muva nje umdlalisile emdlalweni weligi neKaizer Chiefs ngaphambi kwekhefu leFifa.
“UBroos kumele anake umuzi wakhe, nami angidedele nginake umuzi wami. Yena akekho omtshelayo ukuthi kufanele adlalise bani, angadlalisi bani eqenjini lakhe (iBafana), ngakho-ke nami angizukutshelwe ngomunye umqeqeshi ukuthi kumele ngidlalise bani eqenjini lami,” kusho uMngqithi.
“Iqiniso ukuthi siyabazi bonke abadlali bethu esibaqeqeshayo futhi siyazi lapho abazosisiza, ngakho asinankinga nabo (abadlali). Sesixazululile izinkinga ezincane esike saba nazo nabo. Ngiyamhlonipha njengomqeqeshi. Ulenzele okuhle izwe, wonke umuntu uthokozile ngomsebenzi wakhe. Ngakho kufanele akuqonde ukuthi nathi sinamaqembu ethu esiweqeqeshayo njengoba naye eneqembu lakhe aliqeqeshayo. Kumele sihloniphane, akekho omkhulu kunomunye.”
Ebuzwa lo mqeqeshi ngokulimala kukaThemba ‘Mshishi’ Zwane, uzwakalise ukukhathazeka ngalo mdlali wakhe omqoka.
“Kubuhlungu ukulahlekelwa ngomunye wabadlali ozama ngakho konke okusemandleni ukumonga ngenxa yeminyaka yakhe. Mina ngiyazi ukuthi umdlali onjengoZwane ukululama kwakhe akuzukufana nokukaMabena (Siyabonga) ongumdlali osemncane. Ngakho ukumdlalisa imizuzu engu-90 emdlalweni wokuqala, uphinde umqalise emdlaweni wesibili, akuyona into ephusile. Yingakho ngikholwa ukuthi ukuxhumana phakathi kwabaqeqeshi kubalulekile, ngoba lesi simo besingagwemeka.”
UZwane athe uMngqithi angase ahlale izinyanga ezine kuya kweziyisithupha engadlali, ulimale ngoLwesibili ngesikhathi iBafana idlala ngokulingana ngo 1-1 neCongo emdlalweni womlenze wesibili kaGroup K, eBrazzaville, eCongo.