UKUDLONDLOBALA kweStellenbosch FC ebholeni laseNingizimu Afrika kunika leli qembu laseKapa amandla okuphebeza lawa athathwa njengamakhulu abejwayele ukuliphuca abadlali balo abamqoka.
Lona umbono wenhloko yabaqeqeshi beStellenbosch, uSteve Barker, awubeke kulandela ukufaka leli qembu kowandulela owamanqamu eMTN8.
IStellenbossch iqhobozele i-TS Galaxy ngo 3-1 kwi-quarter-final yeMTN 8 ngeSonto, eDanie Craven Stadium echazwe, uSead Ramovic, oqeqesha iGalaxy njengebingaphula ngisho izinkomo ngenxa yokuba mazombezombe kwayo.
Ngesizini edlule uBarker ushayele umkhumbi weStellies ubheke ekudleni isicoco sayo sokuqala esigabeni esikhulu (Carling Knockout Cup), waphinde wayibeka endaweni yesithathu kwiligi okuhamba nethikithi lokuyodlala kwiCaf Confederation Cup.
Ngesikhathi amaqembu epheka ethulula ngenhloso yokuqinisela isizini entsha, abelokhu evelile amahlebezi akhomba ukuthi ukaputeni weStellies, uDeano van Rooyen, ufunwa uthuli i-Orlando Pirates.
UFawaaz Basadien, ongomunye wabadlali abebegqamile iStellies idlula ngehubo kwiGalaxy, ubekhonjwa kwabahambayo kwiStellies emataniswa neKaizer Chiefs.
Kumasizini adlule iStellenbosch iphucwe amaqembu athathwa njengamakhulu abadlali abebeyizinsika okubalwa, uSibongiseni Mthethwa, Junior Mendieta, Ashley du Preez noZitha Kwinika.
Inkulumo kaBarker isakhe sacaca isithombe sokuthi iStellies isiyajika ekubeni iqembu elakhela amanye ngoba isikhombisile ukuthi isinaso isipiliyoni sokudla izicoco nokuzifaka emiqhudelwaneni yase-Afrika.
“Isikhathi esengisisebenze ebholeni senza ngililindele njalo ihaba kwabezindaba ngabahambayo uma kushintsha amasizini,” kusho uBarker esithangamini nabezindaba.
“Siyiqembu eselikhombisile ukuthi linawo amava okulwela izicoco zePSL, neseligi imbala. Lokhu kwenza nabadlali basibuke ngendlela ehlukile kule abebesibuka ngayo eminyakeni emine edlule.
“Sisesimeni lapho sicabanga khona ukuthi sesinawo amandla okuphebeza amaqembu athathwa njengamakhulu ukuthi abahehe kalula abadlali bethu.
“Siyiqembu eselikwazi ukuthembisa abadlali izinkomishi okuyinto engicabanga ukuthi nabo bayayibona,” kuphetha lo mqeqeshi sakuqhosha.