NAKUBA sekunesikhathi kukhona ukungabaza u-Itumelemg Khune ezintini zeKaizer Chiefs kodwa umakadebona, uBrian “Spiderman” Baloyi usakholelwa ekutheni lukhulu lo nozinti waseKlerksdorp asengalwenzela AmaKhosi.
UKhune (36), usanda kusayina inkontiela yonyaka kwiChiefs, yize ngesizini edlule evimbe imidlalo engu-11 kuphela sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.
UBaloyi uthe kulesi simo iChiefs ekuso iyamdinga umdlali onamava njengoKhune.
“Akekho umuntu ongalazi ikhono likaKhune. Mina ngikholelwa wukuthi usengayilekelela kakhulu iChiefs. Uma bethi mdala uKhune, sebekukhohliwe yini ukuthi u-Andre Arendse wavimba waze waba neminyaka ewu-43,“ kusho uBaloyi, ovimbe kwiChiefs phakathi kuka-1993 kuya ku-2004.
“UGianluigi Buffon wase-Italy uneminyaka engu-46 kodwa usavimba. Ukube kuya ngami bengizothi uMolefi Ntseki akanike uKhune izintambo zokuhola iqembu.”
UKhune uke wabalwa nonozinti abahamba phambili emhlabeni jikelele, okuholele ekunikweni isikhundla sobukaputeni kwiChiefs nakwiBafana Bafana.
Abe mahle namathuba okuya e-Europe kodwa wagcina engene ohlwini lonozinti abamnyama baseNingizimu Afrika, namanje abasahluleka wukuya phesheya.
UBaloyi, ovimbe nakwiMamelodi Sundowns, ukhale nangokuntshwama kwezibalo zonozinti basekhaya emaqenjini ePremier Soccer League (PSL).
“Inkinga yonozinti yindala kuleli futhi kubukeka isazoqhubeka ngoba asizimisele ukuyixazulula. Amaqembu athathwa ngokuthi makhulu kuleli wuthola ukuthi ashaya ngonozinti ababili noma abathathu bangaphandle,” kukhala uBaloyi.
“Uma kugcwele abokufika, abakuleli bazolithola kanjani ithuba lokudlala? Lokho kuyakutshela ukuthi inkinga yinkulu kangakanani.
“Ngelinye ilanga kuyadingeka ukuthi kuthathwe isinqumo sokuthi amaqembu angabe esabasayinisa abangaphandle.”
Le nkakha ikhuluma kanjena nje, kunesizini lapho womathathu amaqembu amakhulu ake avinjelwa ngonozinti bangaphandle.
Ezintini zaMaKhosi bekunoDaniel Akpeyi waseNigeria, kwezeSundowns kunoDenis Onyango wase-Uganda noRichard Ofori waseGhana kwi-Orlando Pirates.
Akusikhona konozinti kuphela lapho uBaloyi esola khona amaqembu ePSL kodwa nakwezinye izindawo, njengakubagadli, ikakhulu kwiChiefs.
Uthe kukhona ababili abangaphandle abangakufanele ukudlalela iqembu elinjengeKaizer Chiefs.
Uqhube wathi hhayi ngoba enenkinga nabagadli bokufika kodwa kukhona ozibuzayo ukuthi basayiniswe kanjani.
“Ngezikhathi zethu nangaphambi kwami, iChiefs ibiyaziwa ngokusayinisa izikwibhisi zabagadli. Lokhu osekwenzeka manje angikwazi. Namanje ngisazibuza ukuthi laba bagadli ababili iChiefs iboneni kubo,” kukhala uBaloyi.