LOWO owake waqeqesha iKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uMuhsin "Mshini" Ertugral, umbona njengekhambi u-Edson Castillo waseVenuezela enkabeni yesisu saleli qembu.
U-Ertugral ukholwa wukuthi ukuba nomdlali oyinjini esiswini, yiwona ukhiye ekutheni iChiefs ibuyele empumelelweni.
Nakuba emidlalweni edlule iChiefs ingakagculisi kodwa kukhulu ukujabula kubalandeli bayo ngendlela lo mdlali ayibamba ngayo esiswini.
Usephenduke isilomo phezu kokuba esadlale eyisikhombisa kuphela.
Ube ngomunye wabashaya amagoli ngesikhathi iqembu lakhe lihlula ngo 2-1 iCape Town City kwi-quarterfinal yeMTN8.
Nasemlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu alo mqhudelwano neMamelodi Sundowns, wuye ovule inkundla ngegoli ngesikhathi lamaqembu ebambana ngo 1-1 ngempelasonto edlule.
KwiDStv Premiership ushaye elilodwa bebhaxabula AmaZulu ngo 3-0.
UCastillo ufike ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/24 ephuma kwiMonagas Sports Club yangakubo, eVenezuela.
Ngokubuka izinto kubukeka ezolandela ezinyathelweni zomkhaya wakhe uJose Torrealba owaba nesikhathi esihle kuMakhosi phakathi kuka-2008 kuya ku-2011.
U-Ertugral uthe ngenhlanhla ubekhona e-Athlone Stadium, iChiefs ishaya iStellenbosch ngo 2-0 koweligi.
Ubongele iChiefs ngokuba nezinhloli ezikwaze ukuthola uCastillo.
"Uzoba insika yeChiefs ikakhulukazi esiswini, akanikwe isikhashana. Ngenhlanhla ngambona eminyakeni edlule iqembu langakubo lika-Under 20 libhekene ne-Argentina. Waba undaba zekwayo. Kwavela ukuthi ufunwa inqwaba yamaqembu. Nakuba zonke izindawo enkundleni zibalulekile kodwa kwiChiefs kusukela eminyakeni edlule, umsuka wempumelelo usesiswini. Bekudlala khona abadlali abanekhono,“ kusho u-Ertugral ihlandla lakhe lokuqala eqeqesha iChiefs lalingo-1999 kuya ku-2003.
“Omunye engimbona ezoyisiza iChiefs yilo okuthiwa uMmodi (Pule). Ngiyalikhohlwa igama lalo omunye omfushane odlala ohlangothini lwesokudla phambili. Bese kuphele isikhathi eside ngagcina ukuya enkundleni kudlala iChiefs. Ngijabule kakhulu," kubeka lo mqeqeshi ophinde wabuya eNaturena ngo-2007 kuya ku-2009.
Emdlalweni neStellies owayedlala kwesokudla uTobogo Potsane, iChiefs emlande kwiRoyal AM.
U-Ertugral onqobe iMTN8, Telkom Knockout neSuper Cup neChiefs, uthe njengoba iligi isanda kuqala, kuselukhuni ukusho isitayela esidlalwa yiqembu.
"Kulula ukukhuluma kuthina esingaphandle ngoba asazi kwenzekani ngaphakathi. Yebo u-Arthur Zwane ukhona kodwa iChiefs ifana neqembu elisha. Izintambo seziphethwe uNtseki (Molefi), kukhona nabadlali abasha. Udinga isikhathi uNtseki sokwakha indlela azofuna iqembu lidlale ngayo. Akanikwe isikhathi.
“Kwaba buhlungu ngizwa kuthiwa abalandeli bebemhhahhameza uNtseki emidlalweni edlule. Abantu kumele bakuqonde ukuthi emaqenjini amakhulu ingcindezi kayibi kubadlali kuphela kodwa nakubaqeqeshi imbala.“
Ebuzwa ngenkulumo yomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos ocashunwe ethi okwamanje abadlali beChiefs abakakufaneli ukubizelwa kwalesizwe, uthe: “Angifuni ukuphawula ngalolo daba.”
Mayelana namathuba okuthi iChiefs ingasiqeda yini isimiso sezinkomishi ngeMTN8, uthe kusenzima ukusho.
"Ngibona emlenzeni wesibili kunganqoba noma ubani. Emdlalweni womkhumulajezi kwenzeka noma yini. Engingakugcizelela nje, iChiefs kuzomele ishaye amagoli. Engikubonile ukuthi nakule sizini iSundowns isazoba iqembu elinzima," kuphetha U-Ertugral. IChiefs sekuyisizini yesishiyagalombili yagcina ukuwina indebe kwiPremier Soccer League.