LOWO owake waqeqesha iKaizer Chiefs, uMuhsin Ertugral, ukholwa wukuthi usihlalo waleli qembu uzosithola isisombululo senkinga elibhekene nayo.
U-Ertugral weluleke abalandeli baleli qembu ngokuthi bangabeyi ubuholi bukaMotaung ebambisene nomndeni wakhe.
Izinto azihambi kahle neze kuMaKhosi. Sekuphele iminyaka eyishumi agcina ukuphakamisa inkomishi.
Agcina ukunqoba iMTN8 ngaphansi komqeqeshi uStuart Baxter.
Lo mqeqeshi waphinde wanqoba nesicoco seligi ngesizini ka-2014/15.
Ngesikhathi bekubhekwe ukuthi hleze umqeqeshi obambile, uCavin Johnson, akwazi ukujika izinto, kubukeka amabhawodi eya ngokuxega.
Emidlalweni yakamuva, ikhishwe ekuseni kwiNedbank Cup. Kwiligi lapho bekubhekwe ukuthi ishubise embangweni wendawo yesibili njengoba sekucacile ukuthi iMamelodi Sundowns ihamba naso isicoco, ihlehla nyova njengoba ihleli ngesinqe esisodwa endaweni yesishiyagalombili.
Isishaywe kabili kulandelana kweyeligi. Kwegcine ukuwudlala idliwe yiChippa United ngo 2-0. Kowandulela lo mdlalo ibishaywe yiStellenbosch.
Empeleni sekuphele imidlalo emine kulandelana ihluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele. Kuningi ukukhuluma ngesimo esingesihle esenzeka kuleli qembu laseNaturena ebelaziwa ngokubutha izinkomishi.
Ngababodwa abasola usihlalo walo, uMotaung, ngokuhlehla eqenjini adedele izingane zakhe, uBobby oyimenenja, Jessica oyi-Director of Sales and Marketing, Junior oyi-Sporting Director noKemiso oyi-Digital Manager.
Ngababodwa abasola leli qembu ngokuphelelwa yiso lokusayinisa abadlali abafanele ukudlala kulo.
Abanye basola abaphathi ngokugxila kwamanye amabhizinisi bakhohlwe elebhola eliyinsika.
IChiefs iphinde isolwe ngokungafuni ukukhipha imali yokuthenga abadlali nabaqeqeshi bezinga eliphezulu.
Bonke abaqeqeshi abangene ngemuva kukaBaxter ngemuva kokuhamba ngo-2015, bahluleke bancama. Laba uSteve Komphela, Giovanni Solinas wase-Italy, Ernest Middendorp (wahluleka kancane ehlandleni lesibili ukunqoba iligi), Gavin Hunt, Arthur Zwane, noMolefi Ntseki. Kwihlandla lesibili noBaxter uhluleke wancama ukubuyisa izinsuku zenjabulo.
U-Ertugral waqala ukusebenza eNaturena, ngo-1999 kuya ku-2003. Uphinde wabuya ngo-2007 kuya ku-2009. Ekhuluma neSolezwe ese-Instabul, eTurkey, uthe kula mahlandla amabili ekwiChiefs ube nesikhathi esimnandi nomndeni wakwaMotaung.
Uwuchaze njengabantu abahlakaniphile futhi abalaziyo ibhola.
Lo mqeqeshi ongusomaqhinga eqenjini lesizwe lakubo iTurkey, uthe okwenzeka kwiChiefs yinto esazodlula. Iyenzeka nakwamanye amaqembu amakhulu.
Wenze isilinganiso ngeManchester United yase-England ebeyaziwa ngokuqoqa izinkomishi.
"Ngesikhathi ngisasebenza kwiChiefs bengisondelene nomndeni wakwaMotaung. Uwumndeni ohlakaniphile, oyaziyo into oyenzayo. Okwenzeka eqenjini lawo akuwuphethe kahle. Nakuba sekuphele isikhathi ngagcina ukukhuluma namalungu omndeni wawo kodwa ngiyazi ukuthi kukhona abakuhlanganisayo ukuxazulula lesi simo esiqhubekayo," kubeka u-Ertugral.
Uqhube wathi: “Abantu bangalinge beye uMotaung. Unesipiliyoni sebhola lomhlaba kanjalo nendodana yakhe uJunior. UBobby uhlakaniphile. IChiefs beyiqoqa izicoco ngaphansi kobuholi bakhe. Sizodlula lesi simo iChiefs ekuso.”
U-Ertugral uthe iChiefs idinga umqeqeshi onesipiliyoni.
"Esinye isisombululo ukuthi umndeni wakwaMotaung uqashe umqeqeshi onesipiliyoni sebhola lomhlaba, ozokwazi ukuthola abadlali abazobuyisa isithunzi seChiefs. Kumele kube umuntu ozobuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena," kubeka u-Ertugral. Kuke kwaba nemibiko ethi iChiefs ifuna ukubuyisa yena lo mqeqeshi.
Ebuzwa ngalokhu uthe ingamanga, iChiefs ayikaze imthinte. Uthe okwamanje unenkontileka neqembu lesizwe laseTurkey.
NgeSonto, iChiefs izobhekana neRichards Bay, eKing Zwelithini Stadium. Isendaweni yesishiyagalombili, ngamaphuzu awu-30, emidlalweni ewu-23.