Umqeqeshi owadla izicoco neKaizer Chiefs, uMuhsin “Mshini" Ertugral, uyixwayisa ngokulandela umqeqeshi ”athi ayazi lutho ngaye, uNasreneddine Nabi, waseTunisia, ekubeni ekhona uPitso “Jingles” Mosimane, okhule engumlandeli wayo futhi ongadingi kufundiswa ngayo.“
Yize iChiefs ingena ezintangeni uma ibuzwa ngomqeqeshi kodwa kunemibiko yokuthi isiyela ngasemaphethelweni okuvala isikhundla senhloko yabaqeqeshi.
Kuvalwe isizini umsebenzi wokuqeqesha iChiefs ubanjiswe uCavin Johnson. Wabekwa ngo-Okthoba ngemva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki ngenxa yemiphumela emibi.
Inkinyankinya yokufuna umqeqeshi weChiefs iqale ngemva kokuxoshwa kuka-Arthur Zwane ekupheleni kwesizini ka-2022/2023.
Uma kuya ngokwezinkulumo zakamuva, iChiefs isilinde ukuthi uNabi aqedele umsebenzi kwi-AS FAR yaseMorocco, bese kuba yima ejoyina iqembu laseNaturena.
UNabi ekhuluma nabezindaba eMorocco ngempelasonto edlule, uyivumile eyokuxoxa neChiefs kodwa wathi akuyona yodwa emdingayo.
U-Ertugral ohlale kwesokuqeqesha kwiChiefs amahlandla amabili ngo-1999 kuya ku-2003, nango-2007 kuya ku-2009, ukhulume neSolezwe ngendaba yomqeqeshi omusha weqembu.
Lo mqeqeshi waseTurkey, wanqoba neChiefs iNedbank Cup (2000), MTN8 (2001, 2008), Telkom Knockout (2001, 2007, 2009) ne-African Winners Cup ngo-2001).
“Okungixaka kunakho konke ngeqembu lami elidala ukuzithela kwalo ngabandayo ekubeni sekunesikhathi kusobala ukuthi kufanele libhukule,” kusho u-Ertugral.
“Angisiboni isidingo sokunaka umqeqeshi iChiefs engazi lutho ngaye (Nabi) ekubeni uMosimane engasebenzi futhi engakufihli ukuthi ukhule engumlandeli weChiefs.
“Ukuthula kweChiefs kubanga amahloni ngoba ayenzisi okweqembu elithathwa njengelikhulu. Konke abakwaziyo ngomqeqeshi omataniswa nabo bakuzwa kwabezindaba kepha imisebenzi kaMosimane, bayayazi.
“Ukuqasha uMosimane kuzonciphisa izinkinga eziningi ebezizofika nomqeqeshi omusha okusafanele afunde okuningi hhayi ngeqembu kuphela kepha nangeligi.
“Ngesikhathi iChiefs ingiqasha eminyakeni edlule yangitshela ukuthi kunesikompilo elilandelwayo kodwa angikholwa ukuthi lisalandelwa. Akuyona iChiefs engiyaziyo lena, okuphela iminyaka ecela kweyishumi ingafake lutho ekhabetheni lezinkomishi kube sengathi akwenzeke lutho.
“Akukona ukuthi ngikhuluma kabi ngomqeqeshi okhonjwa kwiChiefs kodwa akuwenzi umqondo ukulanda umuntu wangaphandle ekubeni uMosimane engasebenzi ndawo uma uzimisele ngobuyisa izikhathi zenjabulo,” kuphetha u-Ertugral.
UMasilo Machaka ongomunye wabalandeli beChiefs abaqavile, udalule enye inkinga ngesikhathi edlana indlebe nephephandaba ngesimo seChiefs, izolo ekuseni.
“Njengoba iChiefs ingamqashile umqeqeshi kusho ukuthi nale sizini esizoyiqala ngeke siyilungiselele ngendlela efanele njengamabili adlule.
“Kungenzeka ukuthi umqeqeshi emfunayo usenenkontileka nelinye iqembu kodwa kuyaphoxa ukuthi namanje asikabi nalo ulwazi lokuthi sizobe siqeqeshwa ngubani ngesizini ezayo,” kuphetha uMachaka, sakubalisa.