UKUNGAQALI kahle kwe-Real Madrid emdlalweni wayo wokuvula isizini ka-2024/25 yeSpanish La Liga, kubukeka kuzophonsela inselelo umqeqeshi waleli qembu uCarlo Ancelotti ngokuthola isu elifanele lokudlalisa ngendlela izihlabani zakhe okubukeka zikhombisa ukushayisana.
Emdlalweni wokuvula weLa Liga iMadrid ebambane kuwona ngo 1-1 neMallorca ngeSonto eledlule, kubonakale kukhona ukungatholani kahle kwabadlali abahlaselayo be-Madrid okunguKylian Mbappe, uVinicius Junior, noRodrygo.
UMbappe obedlala umdlalo wakhe wokuqala weLa Liga egqoke ijezi le-Madrid, uqale umdlalo eboshelwe phambili maphakathi nendawo (number 9), uJunior esophondweni lwesokunxele, uRodrygo esophondweni lwesokudla, uBellingham eqhamuka esiswini ngakwesokunxele njengenjwayelo.
Nokho okuqaphelekile kulo mdlalo ukungatholani kahle kwalaba badlali, kangangokuthi kwesinye isikhathi bebebuye babonakale bembondelene ohlangothini olulodwa lwesobunxele.
UMbappe le ndawo abeboshelwe kuyona kulo mdlalo we-Madrid ne-Mallorca, yiyona ndawo ayijwayele adlala kuyona yize abuye adlale nasophondweni lwesokunxele. Ngakolunye uhlangothi, uJunior naye uvame ukudlala le ndawo edlalwa nguMbappe njengamanje nasohlangothini lwesokunxele, ngokufanayo noRodrygo.
Lokhu kuze kwaholela ekutheni kube khona inguyazana egcine iba nokuxokozela phakathi kukaMbappe, uJunior noRodrygo, kwangenelela noBellingham ngesikhathi sekhefu.
Inguyazana yalaba badlali evele nasezinkundleni zokuxhumana, kuvela ukuthi ibimayelana nokuthi laba badlali bebehlongoza ukuthi bashintshane ngezindawo okufanele bazidlale ngenhloso yokugoba iMallorca.
Lokhu kuyibeke ngokusobala inselelo esabhekene no-Ancelotti yokuhlanganisa lezi zihlabani, nokuqhamuka neqhinga elikahle azolisebenzisa kule sizini ukucoboshisa izitha ngaphandle kokudala uqhekeko phakathi kwalezi zihlabani zakhe.
Ebuzwa ngokudlalisa uMbappe noJunior ezinhlangothini, u-Ancelotti, uthe: “Bayashintshana (uMbappe noJunior). Kwesinye isikhathi uMbappe ungena kakhulu ngaphakathi, kwesinye isikhathi omunye phakathi kwabo ashintshe adlale ohlangothini, kuye ngokuthi omunye wabo ufuna ukudlala kuphi ngaleso sikhathi,” kusho u-Ancelotti, ecashunwa yi-Madriduniversal.com.
“Ngesizini edlule angenzanga zinguquko eziningi ekuqaleni kwesizini. Uma sekuqala iChampions League, ngizoba nethuba elingcono lokushintsha shintsha.”
Enye yezintatheli zebhola yaseSpain, uRuairidh Barlow, weFootball Espana uphawulile ngalokhu okwenzeke emdlalweni we-Madrid.
“Ukuxokozela kwempikiswano okuvele ezinkundleni zokuxhumana phakathi kukaJude Bellingham, uMbappe noJunior, yikho kanye okufanele kusukunyelwe ngokushesha ngumqeqeshi waleli qembu, ukugwema uqhekeko olungase lubekhona,” kubhala le ntatheli.
UMbappe oyisibabuli somgadli osayiniswe yi-Real Madrid ngaphambi kokuqala kwale sizini, ukufika kwakhe kulezi zingqungqulu zaseSpain kuthathe amehlo eningi lezingqapheli nabathandi bebhola jikelele.
Okuyingakho-ke bekubhekwe lukhulu kuyena ngenkathi edlala owokuqala kwiLa Liga.
Nokho lo mgadlli waseFrance akabanga nomdlalo oncomekayo bebhekene neMallorca eyiqembu elingenasimanga neliqede isizini edlule lisendaweni ka-15 kwi-log.
IMadrid engompetha beligi, izobuyela enkundleni ngokubhekana neValladolid ngo-5 ntambama, eSantiaogo Bernabeu Stadium, eMadrid.
Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba uthathwa njengokuwuwona okufanele iMadrid ikhombise ngawo ukuthi isiwalungisile amaphutha omdlalo wayo wokuqala.
Imidlalo yeSpanish La Liga ngeSonto:
Ngo-5pm: Real Madrid v Valladolid
Ngo-7pm: Leganes v Las Palmas
Ngo-7.15pm: Alaves v Real Betis
Ngo-9.30pm: Atletico Madrid v Girona