IMAMELODI Sundowns izosivala ngomqeqeshi wase-Europe isikhala sikaRhulani Mokwena okhonjwe indlela ngesonto eledlule.
Izinto zimapeketwane eChloorkop kulandela ukukhonjwa indlela kukaMokwena owine isicoco seligi yeDStv Premiership nendebe ye-African Football League nokubuyiswa kukaSteve Komphela okuphele isizini edlule eqeqesha iLamontville Golden Arrows. Ngaphezu kwalokho, kwesule amalungu amqoka ethimbeni leSundowns okukhona kuwona uSibusiso Mahlangu obeyi-fitness trainer.
UManqoba Mngqithi uyena obanjiswe izintambo zokuqeqesha noKomphela owethulwe njenge-Senior Coach ezosiza lo mqeqeshi waKwaZulu-Natal.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi abaphathi beSundowns bahlela ukuqasha umqeqeshi wase-Europe ozoqhubeka lapho kugcine khona uMokwena njengoba leli qembu lifuna ukuwina indebe yeCaf Champions League. Kuputshuka ukuthi uMngqithi noKomphela sebazisiwe ngalokhu. Ngokwemithombo kuthiwa uMngqithi uqale yedwa ukubamba izintambo ngoMsombuluko odlule. Kuvela ukuthi uKomphela kulindeleke ukuthi aqale namuhla emsebenzini.
“Sitshelwe ukuthi kukhona umqeqeshi ozayo. Besilindele ukuthi kwethulwe yena kodwa samangala sekwethulwa uKomphela. Kodwa sitsheliwe futhi ukuthi umqeqeshi ozayo owase-Europe futhi uKomphela noMngqithi batsheliwe ngalokhu,” kusho umthombo.
Kubaqeqeshi abakhonjwa kwiSundowns kukhona uJosef Zinnbauer waseGermany owine iThrone Cup nesicoco seligi engahlulwanga neRaja Casablanca yaseMorocco.
Lo mqeqeshi owayeqeqesha i-Orlando Pirates eMzansi, ubesebenza ngokubambisana noFadlu Davids osejoyine iSimba SC yaseTanzania. Omunye okuthiwa iSundowns isibatshelile ngaye nguJose Peseiro wasePortugal ofake iqembu lesizwe laseNigeria kowamanqamu we-Africa Cup of Nations ngoJanuwari.
Izindaba zokuthi iSundowns izoqasha omunye umqeqeshi ngaphezu kukaMngqithi, zifakazelwe yinkulumo yemenenja yakhe, uMike Makaab kwiGagasi FM ngesonto eledlule.
"Yisikhundla esehlukile ebesikhuluma ngaso neSundowns. UMngqithi ngeke anikwe esokuba yisekela noma esenhloko yabaqeqeshi. Kodwa sincikene nokuqeqesha. Sihlukile ebholeni lakuleli, sijwayeleke e-Europe," kusho uMakaab.
Ngemuva kwezinsuku uMokwena efulathele iChloorkop, kuvela ukuthi kunamaqembu asenhla ne-Afrika amfunayo okukhona kuwona iWydad Casablanca yaseMorocco. Lo mqeqeshi uhlukane neSundowns nje, kuvela ukuthi ubengahoshelani noFlemming Berg oyi-Sporting Director eqenjini. Kuthiwa laba bebengavumelani ngezinto eziningi okukhona kuzoba abadlali abazosayiniswa nabazochithwa yiqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025.
UKomphela usekhuza ibuya kwiSundowns. Wahamba ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024, wayoqeqesha iMoroka Swallows. Kwavela amahlebezi okuthi waxabana noMokwena.
Nakuba zikhona izinguquko ezenzeka kwiSundowns kodwa umthombo uveze ukuthi abekho abadlali abasha abaziqeqesha neqembu. ISundowns izoyoqala amalungiselelo esizini entsha e-Austria lapho izodlala khona imidlalo yobungani namaqembu ahlukene.
Okhulumela iSundowns, uShupi Nkgadima, akatholakalanga ukuphawula ngendaba yomqeqeshi omusha.