Ubona iqemu lakhe lizodinga ukwandisa isibalo samagoli ukuze lidlulele kowamanqamu e-Africa Cup of Nations uma selibhekene neBafana Bafana umqeqeshi weNigeria, uJose Peseiro.
Lezi zimbangi zizotholana phezulu kowandulela owamanqamu ozobanjelwa ePeace Stadium, eBouake, ngo-7 kusihlwa.
ISuper Eagles iqhwakele kuGroup A ngamaphuzu amathathu kulandela ukubambana ngo 1-1 ne-Equatorial Guinea nokunqoba i-Ivory Coast neGuinea-Bissau ngo 1-0.
Kweyomkhumulajezi idlule kwiCameroon ngo 1-0 ngaphambi kokuguqisa i-Angola ngo 1-0 kuma-quarter-final.
IBafana ilale isibili kuGroup E ngamaphuzu amane. Ivule ngesibhaxu sika 2-0 esithole kwiMali, yavuka yaqumba phansi iNamibia ngo 4-0 yabe isidlala ngokulingana ngo 0-0 neTunisia.
Iqembu likaHugo Broos liwashise iMorocco ijezi kwi-Last 16, liyinqoba ngo 2-0, lashaya iCape Verde ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wama-quarterfinal ophele zibambene ngo 0-0.
“Kubalulekile ukunqoba i-Afcon ngakho-ke kumele siyihlule iNingizimu Afrika. Akuyona imfihlo ukuthi ngesikhathi ngisayina inkontileka ngathi ngizele ukuzowina i-Afcon. Asikanqobi ngoba kufanele sidlule kwiNingizimu Afrika bese siyodlala kowamanqamu,” kusho uPeseiro ekhasini leHot Sports kwiYouTube.
“Siyazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima kodwa amalungiselelo ahamba kahle. Emidlalweni yethu edlule asishayanga amagoli enele kodwa sikwazile ukufika kulesi sigaba. Kungenzeka ukuthi lokho kudalwe wukuthi kukhona abadlali bethu ebesithembele kubona phambilini ukuthi basakhele amathuba abangakadlali.”
Unozinti weBafana, uRonwen Williams, ugile izimanga egxavuna amaphenathi amane ngesikhathi benqoba iCape Verde kumakota. Ebuzwa ngokuthi lokhu akumqwashisi yini, uPeseiro uthe bafisa ukushese bawuqede umdlalo kodwa bazolungiselela zonke izimo abangabhekana nazo.
"Asigxilile kumdlali oyedwa kodwa silungiselela ukubhekana nazo zonke izitha njengeqembu. Singathanda ukuthi umdlalo uphele ngemuva kwemizuzu engu-90 kodwa uma kufanele kudlalwe engu-120 noma kucacise amaphenathi sizokuhlelela nalokho,“ usho kanje.
INigeria isiyiphakamise amahlanda amathathu indebe ye-Afcon, ngo-1980, 1994 nango-2013. IBafana selokhu yagcina ukuba ngompetha base-Afrika ngesikhathi inqoba ekhaya ngo-1996.
Iqembu elizonqoba phakathi kweBafana neSuper Eagles lizobhekana nelizonqoba komunye umdlalo owandulela owamanqamu ozobe uphakathi kosokhaya i-Ivory Coast neDemocratic Repulbic of Congo. La maqembu azobhekana ngo-10 ebusuku eAlassane Outtara Stadium, e-Ebimpe.