UMQEQESHI omusha weMarumo Gallants, uDylan Kerr, uveze ukuthi watshela usihlalo waleli qembu, u-Abram Sello, ukuthi uphanjanelwe yikhanda ngesikhathi emazisa okokuqala ngemizamo yakhe yokuthenga isitifiketi seMoroka Swallows sokudlala kwiDStv Premiership ngo-R45 million.
Ngesizini ezoqala, iGallants izobe idlala esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL) kulandela ukuthola kwayo igunya eliyikhulula nokudlalela eyasekhaya eFree State.
Kuthusile ukuthenga iSwallows kukaSello kwazise imbangela yokuthi iGallants ishone phansi kumasizini amabili adlule bekuyizinkinga zemali.
Kungenxa yalokhu noKerr ebezitshela ukuthi uyazidlalela uSello ngesikhathi emthinta emazisa emasontweni adlule.
“Okwenzeke kwiGallants ngiwumqeqeshi wayo kwangiphoxa, ngathatha isinqumo sokuthi ngeke ngiphinde ngisebenze eNingizimu Afrika,” kusho uKerr.
Ngesikhathi kuqhubeka iConfederation Cup ngo-2022, izikhulu ezimbili zeGallants zike zathunjwa ehhotela laseLibya ngoba lingakhokheliwe.
Nangemuva kwaleso sigameko okuze kwangenelela uhulumeni wezwe kusona, kuvele ezinye izinxushunxushu ebezithinta ukukweletwa kwabadlali amabhonasi abebethenjiswe wona.
“Ngishiye kwiGallants ngoba okuningi okwenzekile bekuphambene nezinkolelo zami kusukela ngisewumdlali,” kusho uKerr kwiSolezwe.
“Ubudlelwano bami noSello abukaze bunqamuke kangangokuthi konke obekwenzeka ngesizini edlule ubengibeka esithombeni kodwa njengomngani.
“Mhla engishayele ucingo engitshela ukuthi uzama ukuthenga isitifiketi seSwallows ngo-R45 million ngivele ngamtshela ukuthi uyasangana.
“Ngimyalele ukuba athathe izigidi zakhe ayogembula ngazo eLas Vergas lapho ebezobakhona namathuba angcono okuzandisa.
“Kungethusile lokhu ngoba okwenzeke kuSello egencwa izembe eminyakeni edlule bengizitshela ukuthi kuzomenza adlalele kude nonobhutshuzwayo,” kuqhuba uKerr.
“Ngokubona ukuthi akadlali ngigcine ngimlalela okuyilapho esidwebe khona sacaca isithombe ngafuna ukukwenza, ngaheheka kanjalo.
“Ngesikhathi ngishiya kwiPSL bengifuna umsebenzi e-England noma eScotland kodwa kwasheshe kwangicacela ukuthi akulula njengoba bengicabanga.
“Ucingo lukaSello engicela ukuba ngibuye belungivulela ithuba lomsebenzi kodwa futhi besekukhona enhliziyweni yami ukuthi kukhona engisengakwenza kwiPSL.
“Kwale kancane ukuthi sidle isicoco seConfederation Cup saphinde saphinda saphelela kowamanqamu weNedbank Cup ngesizini efanayo. Lokhu kube nesandla ekutheni ngiqome futhi,” kusho yena.
UKerr, osenesonto efikile, utshele leli phephandandaba ukuthi usevele uqalile ukusebenza kanti nasemakethe usazongena.
“Kukhona abadlali abebekwiSwallows engisabahlola ukwengeza kulaba abasale kwiGallants ngesikhathi abanye bejoyina amanye amaqembu,” kuphetha uKerr.
Izolo uSello umemezele ukuthi uKerr ubekelwe imigomo emibili emqoka yokuqeda kwi-Top 8 aphinde adle okungenani inkomishi eyodwa.