YIZE evuma ukuthi ezakhe zisenethuba lokushisa umbango wesicoco seligi yeSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, umqeqeshi weDurban Pioneers osabambile, uThabiso Shezi, ugcizelela ukubaluleka kokugijima ibanga labo ngaphandle kokuzifakela ingcindezi.
UShezi ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe zihlabane ngesicoco seKZN Primo Cup ngokuguqisa uMsinga United ngo 4-1 kumaphenathi kowamanqamu eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo, zakhala zemuka no-R50 000 nendebe.
Lo mqhudelwano oxhaswe yiPrimo Sportswear, udlalelwa ngamaqembu eSafa KZN Motsepe League kuphela.
“Yebo, sisenalo ithuba lokulwela ukuwina iligi kodwa sifuna ukugijima elethu ibanga, singazifakeli ingcindezi.
Okwethu nje wukuthi sibhekane nomdlalo ngamunye ngaleso sikhathi, sibone ukuthi sibuya nani kuze kube ngumdlalo wokugcina wesizini,” kusho uShezi.
“Usisize kakhulu lo mqhudelwano ekuhloleni ukuba fithi kwabadlali bethu njengoba imidlalo yethu yeMotsepe League yomzuliswano wesibili izoze iqale ngoFebhuwari 1. Ngikholwa wukuthi nakanjani kuyofika usuku lokuqala kwemidlalo yeligi sesimi ngomumo.”
IPioneers esendaweni yesine kwi-log kaStream A weKZN Mosepe League ngamaphuzu angu-14, yehlukaniswe ngamahlanu neNjampela FC esahlezi phezulu ngangu-19.
UShezi uncome ukuba khona kwabadlali abanamava kuleli qembu okunguSibusiso “Madoh” Khumalo no-Abel Mabaso okungabadlali abadlale esigabeni iBetway Premiership.
“Ukuba khona kwabo kwenza umehluko omkhulu eqenjini, ngaphakathi nangaphandle kwenkundla. Bayabakhuthaza kakhulu abadlali, benza babe nokuzethemba ukuthi nabo ngelinye ilanga bangafinyelela esigabeni esikhokhelayo.”
Ngakolunye uhlangothi, uSmart Ndlovu oqeqesha uMsinga, uncome abadlali bakhe iningi labo elisebancane ngendlela abakhombise ngayo ukuzinikela kulo mqhudelwano kwaze kwaba sekugcineni.
“Iqembu silakha kabusha ngabadlali abaningi abasebancane, inkonyane isathuka isisinga kubona. Kodwa ngihlabeke umxhwele ngezinga abalikhombisile nokungiqinisa idolo ngokuthi ukufinyelela kwabo esigabeni salo mqhudelwano kuzobaqinisa ukhakhayi emidlalweni yeligi.”