UMQEQESHI weDurban City, uSimo “Govuza” Dladla, usekubeke kwacaca ukuthi yize ezakhe sezibuyele esicongweni se-log yeMotsepe Foundation Championship, kodwa asikho isidingo sejubane ngoba luselude ukhalo olusazohanjwa.
UDladla ubekhuluma ngemuva kokuba ezakhe zibhaxabule iLeruma United ngo 3-0 koweMotsepe Championship, eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo. Lo mphumela uzibuyisele esicongweni se-log.
Amagoli eCity avalelwe phakathi nguSaziso Magawana noSamkelo Maseko amabili.
“Ngijabule kakhulu ngalo mphumela nangendlela esidlale ngayo futhi lisisebenzele iqhinga lethu ngoba vele besazi ukuthi abahlelekile kahle emuva (abeLeruma). Indlela esinqobe ngayo iwuphawu oluphelele lwendlela esidlale ngayo,” kusho uDladla, oncome uMaseko oshaye amagoli amabili.
“UMaseko ukhombisa okukhulu ukuvuthwa. Uwasebenzise ngendlela amathuba awatholile ngoba bebegade kakhulu uMagawana kwase kuba nguyena othola amathuba okushaya amagoli.”
IMilford FC ebihlezi phezulu kwi-log, yehlela endaweni yesithathu kulandela ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neBlack Leopards. Yikho okwenze iCity ebisendaweni yesithathu yanyukela esicongweni, yalingana ngamaphuzu angu-25 neJDR esendaweni yesibili ngenxa yamagoli. I-JDR ibuye namaphuzu amathathu kwiHungry Lions emdlalweni ewunqobe ngo 1-0.
“Siyazi ukuthi luselude ukhalo, iligi ingumjaho omude. Inhloso wukugcina lo mgqigqo esikuwona yize sazi ukuthi namanye amaqembu anezinhlelo zawo. Okwamanje akukabi yisikhathi sokusebenzisa ijubane ngenxa yebanga elisazogijinywa.
Yingakho kubalulekile kithina njengamanje ukuba phakathi kwamaqembu amathathu aphezulu ngoba siyeza leso sikhathi lapho kuzofuneka sisebenzise khona ijubane. Ngakho ukuhlala kwethu phezulu kuwumphumela wokugcina kwethu umgqigqo.”
Lo mqeqeshi usho kanjena nje, kubhekwe lukhulu kule sizini kuleli qembu likaFarook Kadodia owakubeka kwacaca ngomdlalo wokuqala wesizini libhuquzisa iCasric Stars ngo 2-1 kowokuvula ngo-Agasti ukuthi ufuna ukulibona liphakamisa isicoco seligi yeChampionship, likhuphukele esigabeni seBetway Premiership.
ICity izovala unyaka ngomdlalo womkhaya neMilford obhekwe ngabomvu eChatsworth Stadium ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama.
Imidlalo yeChampionship izogcina ngeSonto ngoDisemba 15, ithathe ikhefu lamaholide kaKhisimusi noNcibijane, bese ibuya ngoJanuwari 11, lapho khona iCity izoqeda umzuliswano wokuqala wesizini ngokutholalana phezulu neHungry Lions.
Imiphumela yeMotsepe Championship:
JDR Stars 1-0 Hungry Lions; Highbury 1-0 CT Spurs; Black Leopards 1-1 Milford FC; Casric Stars 1-0 Univ. of Pretoria; Baroka FC 4-2 Venda FC; Durban City 3-0 Leruma United; Upington City - Kruger United; Pretoria Callies - Orbit College