Ukhethe ukuyodlalela iqembu lesizwe laseMozambique emqhudelwaneni iCosafa Cup umdlali weKaizer Chiefs, u-Edmilson Dove, okungakacaci ukuthi izokwelulwa yini inkontileka yakhe eNaturena.
Lo mdlali wasayina inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuthi Amakhosi angayelula ngomunye unyaka ngesikhathi efika kuleli qembu ekuqaleni kwesizini ka-2022/23.
Njengoba leli qembu lasePhefeni lisematasatasa nezinhlelo zesizini entsha ngaphambi kokufika komqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, uDove ngomunye wabadlali abaphelelwa yizinkontileka ekupheleni kwenyanga ephezulu, elingakaphumeli obala ngokuthi lizomgcina yini noma lizomchitha. IChiefs isazicija ngaphansi kweso elibukhali lephini likaNabi, uFernando Da Cruz otheleke eMzansi ngoMsombuluko. Ngesonto eledlule, kuvele ukuthi bonke abadlali bazothola ithuba lokuzibonakalisa kubaqeqeshi ngaphambi kokuthi iqembu lithathe isinqumo ngekusasa labo. Kulaba badlali kubalwa abaphelelwa yizinkontileka nabazobolekiswa.
Abadlali abaningi bamaqembu eDStv Premiership abebebizwe emaqenjini esizwe azogijima kwiCosafa, bagcine bephumile ezikwatini ngenxa yokuthi iningi lawo seliqalile ukulungiselela isizini entsha. Ukuba khona kukaDove eqenjini leMambas kungaba yinkomba yokuthi uhlose ukusebenzisa iCosafa ukuzitholela iqembu elisha.
ElaseMozambique libunjwe kakhulu ngabadlali abasencane futhi lizobe licijwa ngumqeqeshi welika-Under-23, uVictor Matine.
IMozambique izovula kuGroup A neBafana Bafana ngoLwesithathu ngo-6 ntambama, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha. Amanye amaqembu aseqoqweni u-Eswatini neBotswana.
UMatine uthe nakuba ehlome ngabadlali abasebancane kodwa kuningi okuhle akulindele eqenjini lakhe njengoba bekhona abadlali asebeqalile ukukhombisa ukuvuthwa.
“Ahambe kahle amalungiselelo alo mqhudelwano uma ngibheka indlela laba badlali abancane abawabambe ngayo amaqhinga ethu. Kuyiqiniso ukuthi angibatholanga bonke abadlali ebengifisa ukuhamba nabo ngenxa yokuthi amaqembu abo ayabadinga, futhi ngiyakuhlonipha lokho. Sizoya phambili nabadlali abakhona,” kusho uMatine ekhasini lenhlangano eyengamele ibhola eMozambique leYouTube, iFMFTV.
Phakathi kwabadlali abazobe begadulisana neBafana eGqeberha, kukhona odlala ngekwesokunxele aphinde adlale naphambili, uGianluca Lorenzoni, odlalela iqembu laseMalta, iGudja United.
Lo mdlali (23) othathwa njengomunye wabadlali abasebancane abathembisayo eMozambique, uthe: “Siyazi ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamaqembu athwelwe ngeqoma kulo mqhudelwano kodwa ngasohlangothini lwethu sihlose ukusebenza kanzima. Umqeqeshi uyena ozothatha izinqumo kodwa wonke umuntu ozongena enkundleni kufanele azimisele.”
ISwatini izotholana phezulu neBotswana komunye umdlalo kaGroup A ngoLwesithathu ngo-3 ntambama eNelson Mandela Bay Stadium.