USIHLALO weRichards Bay FC, uJomo Biyela, useyiqinisekisile eyokusayinisa umgadli, uRanga Chivaviro, okhonjwa kwiKaizer Chiefs.
UChivaviro, obegijima kwiMarumo Gallants, usematheni kulezi zinsuku ngenxa yokuphenduka inyama emaqenjini amaningi okukhona kuwona iChiefs neYoung Africans yaseTanzania. Kukhona namaqembu angaphandle kwezwekazi i-Afrika okuthiwa ayamcathamela.
UChivaviro ugawulwe yizembe kwiDStv Premiership emasontweni adlule, phezu kokuba ifinyelele kowandulela kowanqamu weCaf Confederation Cup.
Lo mgadli ugcine eshayele iMarumo amagoli angu-17 kuyona yonke imiqhudelwano. Ushaye angu-10 kwiligi.
"Uma kukhona abamfunayo kumele bamthenge kimina. Akukho ukudideka lapho. Konke kucacile. Ngiyazi ukuthi akhona amaqembu amfunayo futhi lokho akuyona inkinga. Imenenja kaRanga naye bayalazi iqiniso. Ayikho into abayenzayo ngaphandle kwami, " kusho uBiyela.
Emasontweni adlule, imenenja kaChivaviro, uTrabi Harve, ikuchithile ukuthi lo mgadli usayine kwiBay, yathi iNatal Rich Boyz ingelinye lamaqembu amfunayo. Itshele Isolezwe ukuthi iChiefs izimisele ngoChivaviro nakuba imbanga namanye amaqembu.
UBiyela uphinde waqinisekisa ukuthi sebesayinise uLucky Mohomi obeyibamba enkabeni yenkundla kwiGallants. Leli phephandaba libikile izolo, ukuthi iBay seyihlukene nomqeqeshi uVasili Manousakis okuphele isizini edlule esebambe isikhundla.
Kungenzeka izembe lidlulele nakuPitso Dladla noRonnie Gabriel abebengamaphini akhe. IRich Boys iqede isizini edlule sekubanjwe umoya kwazise kade isilengela ezembeni phezu kokuqeda unyaka odlule isendaweni yesibili kwi-log.
"Sisazoyiqedela indaba yomqeqeshi. Ngifuna umqeqeshi wangempela manje, hhayi umqeqeshi nje. Anginanxa nabaqeqeshi esinabo kodwa sonke sibonile ukuthi imiphumela ihambe kanjani ngesigamu sesibili sesizini," kusho uBiyela.
Ngaphandle kwabaqeqeshi, iRich Boyz kulindeleke ukuthi ithathe isinqumo ngabadlali uNtsikelelo Nyauza noLuvuyo Memela abaphelelwa yizinkontileka. Omunye ngu-Abel Mabaso obebolekwe kwi-Orlando Pirates.