UMDLALI wasemuva kwiBaroka FC, uBonginkosi Makume, ukholwa wukuthi uzinzo olufike nomqeqeshi uJoel Masutha luyikhubalo kuleli qembu okuyiwe ekhefini lamaholide okuphela konyaka lishaya kwasani okuphambi kwalo.
IBaroka ebhaxabule iBlack Leopards ngo 4-2 kowabakhaya baseLimpopo ngeledlule, ihlezi endaweni yesihlanu kwi-log yeMotsepe Foundation Championship.
“Ekuqaleni kwesizini, izinto bezingahlangani, sihluleka ukunqoba imidlalo. Kodwa njengamanje sekuyacaca ukuthi sesishaya ngolunye unyawo, kubuyile ukuzethemba nomfutho. Iqiniso wukuthi ukufika komqeqeshi uJoel (Masutha) kwenze saba nozinzo olukhulu eqenjini kusukela ngosuku lokuqala sisebenza naye. Ufike wakubeka kwacaca kithina ukuthi siyiqembu elihle elinabadlali abasezingeni nabanamava okufanele lihlale libalwa naphezulu kwi-log nasembangweni wesicoco seligi,” kusho uMakume.
“Njengoba sesikwazile ukunqoba sibuye namaphuzu amqoka emidlalweni yethu yokugcina ngaphambi kwekhefu lamaholide okuphela konyaka, inselelo esesibhekene nayo eyokuthi njengoba sisalelwe wumdlalo ngaphambi kokuqeda umzuliswano wokuqala, siqhubeke nalo mgqigqo nangomzuliswano wesibili.
“Ngaphandle nje kozinzo olufike nomqeqeshi, ngingakuveza nokuthi abadlali esinabo eqenjini banesipiliyoni, nabo babambe iqhaza elikhulu ekusigqugquzeleni ngaso sonke isikhathi. Lapha ngibala uShaka (Siphelele Mthembu) okhuthaza bonke abadlali kusukela ejimini kuze kube wusuku lomdlalo. Ngisho engadlali esebhentshini uyakhuluma ezindlini zokushintshela ngaphambi nangemuva komdlalo.
“Ukubakhona komdlali onjengaye, osebone okuningi ebholeni, kwenza wonke umuntu akhuthazeke.”
UMthembu oteketiswa ngelikaShaka Zulu, ungomunye wabadlali abanamava abajoyine iBaroka ngaphambi kokuqala kwale sizini. Abanye nguGiven Mashikinya, Lantshene Phalane naye uMakume obesekhuze ibuya kuleli qembu laseLimpopo alijoyine esuka kwi-Upington City.
UMasutha othathe izintambo zokucija iBakgaga ekupheleni kukaNovemba emidlalweni emihlanu, unqobe imidlalo emine ilandelana, wadlala ngokulingana komunye. Lokhu kuwubeka ngokusobala umehluko afike nawo kuleli qembu lo mqeqeshi osengumakadebona esigabeni seChampionship.
IBakgaga izovula unyaka nge-JDR Stars ngoJanuwari 11, ekuhambeni.