UVUME eyomsebenzi omhlalele umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis ngemuva kokuthi elakuleli libhudluzwe yiBrazil ngo 6-0 emdlalweni wobungani obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMsombuluko ebusuku.
Lona bekuwumdlalo wesibili kulandelana iBanyana ithola isibhaxu kwiBrazil kwazise kowokuqala obungesonto eledlule, bakhale ngaphansi ngo 3-0.
Le midlalo isiyiqalo sika-Ellis sokulungiselela iqembu iNdebe yoMhlaba engonyaka ozayo. IBanyana ingompetha beWomen Africa Cup Of Nations (Wafcon) kanti iBrazil ingompetha baseSouth America.
Ngemuva komdlalo waseThekwini, u-Ellis uthe inhloso bekuwukufunda emaphutheni enzeke emdlalweni wokuqala kodwa uphoxekile esebona ezakhe zenza amanye ayinqwaba kowesibili.
"Sikhulume ngokunciphisa amaphutha ethu, ukuba nesibindi sizame ukugcina ibhola ukuze sakhe amathuba kodwa asiqalanga kahle," kusho u-Ellis.
"Siyikhulumile indaba yokuthi kumele siphaphame umdlalo wonke kodwa sabapha igoli zibekwa nje. Senze amaphutha amaningi okungamele uwenze uma ubhekene neqembu eliphezulu njengeBrazil, saphinda sangawasebenzisa awethu ambalwa esiwatholile
“Ngibachazelile abadlali ukuthi leli zinga liphezulu kakhulu uma liqhathaniswa neleWafcon futhi kugqamile lokho. Abadlali bahloliwe, manje sekumele sihlale phansi sibuke ama-video, sibone ukuthi ngobani abazoqhubeka nathi ohambweni lwethu."
Njengoba imidlalo yeNdebe yoMhlaba izoqala ngoJulayi 20 ngonyaka ozayo e-Australia naseNew Zealand, u-Ellis uthe basazoqhubeka nokuhlela imidlalo yokungcweka namaqembu aqinile ukuze banikeze abadlali ithuba lokunyusa izinga.
Ukholwa wukuthi ukudlala nezimbangi ezingaphansi kwezinga elilindelekile kwiNdebe yoMhlaba ngeke kulisize ngalutho iqembu.
"Ngeke bakhule uma singabaphonseli inselelo. Uma sidlala namaqembu angaziwa futhi ingekho inselelo ngeke sikhule njengeqembu.
“Abadlali bafuna ukuphonselwa inselelo, bafuna ukuba ngcono futhi lokho sizokwenza ngokubhekana namaqembu azosinika ubunzima.
“Besingadlala neqembu elingaziwa futhi sithole umphumela omuhle kodwa lokho bekuzokwenza wonke umuntu acabange ukuthi konke kuhamba kahle.
“Akusizi ukungena kwiNdebe yoMhlaba usunqobe inqwaba yemidlalo kodwa uma usuphakathi uthole ukuthi awuwulungele umqhudelwano. Asineme ngemiphumela kodwa lokhu kuzophusha abadlali ukuthi basebenze kanzima futhi abakwesabi lokho."
Yize umqeqeshi ebheke ukuqinisa isikwati azosisebenzisa kwiNdebe yoMhlaba, uthe usazimisele ukunikeza abanye abadlali amathuba.
Omunye wabadlali abuzwe ngabo yiwele likaNoxolo Cesane, uSinoxolo, odlalela iChattanooga Lady Red Wolves yase-United States njengoba kusanda kusabalala ama-video akhe ezinkundleni zokuxhumana.
"Ngiyabaqapha bonke abadlali. Uma abezindaba noma abalandeli bekhuluma ngabadlali mina ngisuke sengivele ngibazi," uchaze kanje.
"Ngiyayibona imidlalo yabo, ngiyazibona izibalo ezikhombisa abakwenzile enkundleni, ngenza izinhlelo zokuthi ngiwathole ama-video ngiphinde ngiwadlulisele nasephinini lami. Asivele nje sithathe izinqumo esizisusela emoyeni.
"Sibabizile abanye abadlali kodwa bekungesona isikhathi esifanele, sadlulisa iminyaka emibili saphinde sababheka futhi. Umnyango awusoze wavalelwa muntu. Uma isikhathi sesilungile sizobabiza abadlali esicabanga ukuthi bazokwenza umehluko eqenjini."
IBanyana izophinde idlale omunye wobungani ngenyanga ezayo kodwa alikaqinisekiswa izwe ezobhekana nalo.