UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, udwebe isithombe sekhempu eya ngokuya ikujwayela okuyizungezile eNew Zealand kusukela sihlangane saphelela isikwati esiyifulathele ngokwahlukana eNingizimu Afrika.
U-Ellis namasosha akhe bahlangane ngoLwesihlanu eNew Zealand, lapho aseqalile khona amalungiselelo omdlalo wokuqala ka-Group G weNdebe yoMhlaba neSweden ngoJulayi 23.
Emuva kwezinxushunxushu ebezithinta izivumelwano ngamabhonasi okuze kwalanyulwa yiMotsepe Foundation, iBanyana igcine ilifulathele ngokwahlukana iNingizimu Afrika ezinsukwini ezedlule.
Ngokusho kweSouth African Football Association (Safa), isizathu sokuhamba ngokuhlukana kube ukushoda kwezindawo kwi-business class ezindizeni eziya eNew Zealand ngesikhathi bethenga amathikithi.
IBanyana iziqeqeshele iNdebe yoMhlaba okokuqala ngokusemthethweni ngoMsombuluko (ngokwesikhathi sakuleli) kodwa okusemqondweni wabadlali manje wumdlalo wobungani neCosta Rica ngoMgqibelo.
“Nakuba kudingeke ukuba sishintshe izinkundla ngenxa yemvula enamandla kodwa siziqeqeshe ngendlela engishiye ngigculisekile,” kusho u-Ellis ethimbeni labezindaba leSafa.
“Iningi lethu alisijwayele isimo sezulu salolu hlobo kodwa ngabe siqamba amanga uma sithi kuyasethusa esikubona lapha ngoba besikulindele.
“Ngenelisekile kakhulu ngengikubone kubona bonke abadlali. Bonke bebekhombisa izimpawu zokukujabulela ukuba senkundleni.
“Besigxile ekutheni wonke umdlali okhona alithinte ibhola nangempela saphumelela kulokho, okuyinto esijabulise sonke,” kuqhuba u-Ellis.
“Ekhempini yethu yokugcina eNingizimu Afrika kunabadlali abamqoka abebebuya ekulimaleni ngakho-ke kuyajabulisa ukubona isikwati siziqeqesha sonke emuva kwesikhathi eside kungenzeki lokho.
“Ngaphandle kokukhathala kulandela uhambo olude kulaba abafike kamuva, bonke babukeka bekujabulela ukuziqeqesha futhi kusobala ukuthi kuzoya ngokuya kubangcono,” kulandisa lo kaputeni wakudala weBanyana.
“Ngenxa yokuphambana kwezikhathi phakathi kwaseNingizimu Afrika naseNew Zealand, abadlali bazama konke okusemandleni ukungawujwayeli umbhede ukuze umzimba uzojwayela ukuthi usukwenye indawo.
“Laba abafike kuqala sebengcono kakhulu kulokhu kodwa kuyajabulisa njalo ekuseni uma ngibabona bonke bekhombisa ebusweni izimpawu zokuphumula ngokwanele.”
IBanyana eya kulo mqhudelwano nesithunzi sokuba ngompetha base-Africa, izoqala ngeSweden ilandele nge-Argentina ne-Italy nabo abayingxenye ka-Group G.