UMQEQESHI weBafana Bafana, uHelman “Ncane” Mkhalele, uzwakale njengosenalo iqhinga abona lizomsiza ukuweza leli qembu lesizwe okufanele linqobe kwi-Eswatini emdlalweni ka-Group A weCosafa Cup namuhla ngo-3 ntambama eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
IBafana, engosokhaya, isicazelane ngamaphuzu emidlalweni yayo emibili yokuqala yaleli qoqo neMozambique neBotswana ngokwahlukana.
Iqale ngokuvula inkundla ngegoli koweMozambique okuthe kungenzeka lokho kwaba sengathi batshelene abadlali bakaMkhalele ukuthi abangabe besahlasela.
Nangempela iMambas igcine ilitholile elokulinganisa esiwombeni sesibili kwase kulandela oweBotswana lapho iBafana ehluleke khona yancama ukwakha ithuba elibonakalayo umdlalo wonke.
Ngokwalo mqeqeshi oyiphini likaHugo Broos, abadlali abazange balithole ithuba lokuphumula kahle phakathi kokusongwa kwamasizini nokuqala kweCosafa.
Yize kunjalo uMkhalele, obekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa), ukholelwa ekutheni unalo iqhinga elizokwenza abadlali bakhe baye emdlalweni we-Eswatini bekhululekile ngokomqondo.
“Uma ubheka isikhathi esiphakathi kokuphela kwesizini nemidlalo emibili enzima esesiyidlale kwiCosafa kusukela iqalile, uzoqaphela ukuthi asanele ukuthi abadlali ngabe sebephumule ngokwanele,” kusho uMkhalele.
“Okuzosisiza ukuchitha isikhathi esiningi sihleli nabo phansi esikhundleni sokujima ngoba nokugqoza kwemiphumela emidlalweni edlule kubenza behlelwe ukuzethemba.
“Angikungabazi ukuthi ithalente lokunqoba umdlalo osisalele ku-Group A sinalo kodwa iqhinga ukungabajimisi kepha sikhulume nabo.
“Ingqondo iyona esemqoka kunokuba fithi okwamanje ngoba vele isikhathi sokuziqeqesha ngokwanele asizange sibe naso.
“Okuzoba ukhiye ukubagcina bephumule ngokwanele bese siqinisekisa ukuthi awukho umthwalo osemahlombe abo njengoba siya kulo mdlalo.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukukhuphula ukuzethemba kwabadlali bami ngoba akuyona into engingayazi ukuthi bangawuthola noma inini umphumela odingekayo yinqobo nje uma bezinikele ukukwenza lokho,” kulandisa uMkhalele.
IBafana idinga iwini kuphela uma izimisele ngokuqhubeka nalo mqhudelwano elandela kuwona iZambia neZimbabwe ngezicoco.
Omunye umdlalo ozoba nomthelela ngebanga elizohanjwa iBafana kwiCosafa uphakathi kweMozambique neBotswana ngesikhathi esifanayo khona namuhla e-Isaac Wolfson Stadium KwaZakhele.