UYIBEKE kuMdali eyesimo sesilomo seMamelodi Sundowns umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, othandazela ukuthi sibuyele ezingeni laso uma sesiluleme.
UBroos kumele aqhamuke neqhinga lokuqedela umsebenzi wokufaka iNingizimu Afrika kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seCameroon ekupheleni konyaka ozayo. Lo mqeqeshi umemezele isikwati sabadlali abangu-23 anethemba lokuthi bazomenzela akufunayo uma iBafana isibhekene ne-Uganda ngoNovemba 15 ekuhambeni neSouth Sudan ngoNovemba 19 eKapa. IBafana isendaweni yesibili kuGroup K ngamaphuzu ayisishiyagalombili. Esicongweni kuhlezi i-Uganda ngamaphuzu ayishumi emuva kwemidlalo emine. Abafana bakaBroos badinga amaphuzu amathathu kuphela ukuze bazibekisele indawo kwi-Afcon.
Ukulimala kukaThemba Zwane kuzwelile kakhulu kuBroos njengoba engesinye sezethenjwa zakhe phezu kokuba wayengayingeni eyakhe ngesikhathi esanda kufika eMzansi. UZwane, owalimala ngesikhathi iBafana ibhekene neCongo-Brazzaville ngenyanga edlule, uzohlala izinyanga engadlali.
“UThemba ungenye into. Mhlawumbe ukungamfaki kusukela ekuqaleni, yiphutha elikhulu kunawo wonke engiwenze lapha eNingizimu Afrika. Kodwa nginesizathu salokho. UThemba akayena nje umdlali ozithwele kodwa ungumuntu olungile. Ngesikhathi efika okokuqala ngamchazela ukuthi kungani ngingamfakanga esikwatini kusukela ekuqaleni. Ngicabanga ukuthi akasona isiphukuphuku, uyakuqonda lokho. Wayengakusho naye ukuthi ngathatha isinqumo esihle. Ngatshengisa ukumethemba kusukela eqalile ukudlala lapha. Ngamcela ukuthi adlale ngendlela ethize, angimtshelanga ukuthi akenzeni. Kodwa wayazi into okumele ayenze, alekelele umgadli,” kusho uBroos.
“Ngasho ezinyangeni ezedlule ukuthi kufanele kancane, kancane sibheke umdlali ozovala isikhala sikaThemba ngoba kuzofika isikhathi lapho kuzophela khona ngaye. Uneminyaka engu-35 manje. Bengingafuni ukufaka omunye umuntu endaweni yakhe kanje (ngoba elimele). Ngiyathandaza kuMdali ukuthi abuyele esimeni uma eseluleme. Ngikhuleka ngempela kuMdali ngoba uThemba akumfanele lokhu.”
Kubadlali obekuthiwa kufanele bavale isikhala sikaZwane kukhona uGaston Sirino weKaizer Chiefs odabuka e-Uruguay. Ngokwemithetho yeFifa, uSirino angayidlalela iBafana nakuba engayena owaseMzansi. Ezinyangeni ezedlule, uBroos waphumela obala wathi ubona uTito Maswanganyi we-Orlando Pirates njengongasivala isikhala sikaZwane kwiBafana.
“Angikaze ngiyicabange ekaSirino. Ngiyazi ukuthi uSirino ngumdlali omuhle kakhulu. Ngiyazi futhi ukuthi angaba ngobalulekile kwiChiefs kodwa akalona uhlobo lomdlali engilufunayo. Okwesibili uneminyaka engu-34 uma ngicabanga. Ngibheke izinyanga eziningi ngizama ukuthola omunye umdlali ngaphandle kukaThemba ngoba ngangimbona emdala ngaleso sikhathi. Ngeke ngilande omunye umdlali omdala. Ngangifuna osemncane kunoSirino. Ungumdlali omuhle kodwa akahambisani nendlela engilibheka ngayo ibhola,” kusho uBroos.
Isikwati seBafana Bafana
Onozinti: Ronwen Williams, Sage Stevens, Sipho Chaine
Abasemuva: Sdney Mobbi, Mothobi Mvala, Rushwin Dortley, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Khuliso Mudau, Fawaaz Basadien, Siyabonga Ngezana
Abaphambili: Mihlali Mayambela, Oswin Appollis, Patrick Maswanganyi, Elias Mokwana, Thapelo Morena, Relebohile Mofokeng, Evidence Makgopa, Iqraam Rayners