NAKUBA isiqongqwane seMarizburg United, uBonginkosi Makume, sikuqonda ukuthi iMamelodi Sundowns izofika kubona ngeshodi kulandela umphumela wayo wangempelasonto kodwa asikungabazi ukuthi bangawaqoqa egcwele amaphuzu kulo mdlalo weDStv Premiership.
ITeam of Choice esibalekile emsileni kwi-log ngenxa yemiphumela yakamuva, izokwamukela iSundowns namuhla ngo-7.30 ebusuku, eHarry Gwala Stadium.
ISundowns okuyiyona eqhwakele kwi-log, iya kulo mdlalo emuva kokuthola isibhaxu sika-3-0 sivela kwi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weMTN8 ePolokwane, ngoMgqibelo odlule.
Ngaphandle kokukhishwa kwiMTN 8 abebeyivikela, uMakume ubona ingozi ngolaka kwiSundowns eshaywe ngamagoli amathathu okuyinto engavamile ukwenzeka.
“Ngokwemifanekiso eyenziwa ebholeni, kuthiwa iSundowns izoza kithina njengesilwane sasendle esilimele ngakho-ke asikungabazi ukuthi lo mdlalo uzobanzima,” kusho uMakume ethimbeni labezindaba leMaritzburg.
“Kunzima vele ukubhekana neSundowns kodwa ukuyithola isuka esibhaxwini esithole kwiMTN8 ngempelasonto, kuzowenza umsebenzi wethu ubemkhulu kunalo obuvele uzoba yikhona.
“Ukushaywa kukodwa akwamukelekile eqenjini elifana neSundowns ngakho-ke akudingi ukuthi kuze kube amagoli amathathu ukuze bafune ukukhokha isibhongo.
“Akekho ongazi ukuthi iSundowns izofuna ukuvuka ngathi kumbe ikhokhe isibhongo ngathi, ngakho-ke kuqondane kahle ngoba nathi sizimisele ngewini kulo mdlalo,” kuqhuba uMakume.
Akukho okuyisipesheli abakuhlelele iSundowns kepha bazokwenza ngendlela abenza ngayo kuyona yonke imidlalo.
“Wonke amalungiselelo ahamba kahle futhi bonke abadlali bawulungele umdlalo. ISundowns iqembu elikhulu kodwa lokhu akusho ukuthi kufanele siyesabe.
“Sinezethu izinselelo nezihloso ngesizini. Sibona ithuba lamaphuzu, hhayi okunye. Okusemqoka ukugxila kwesikutshelwe umqeqeshi bese sikhuphula umfutho ngoba siyazi sibhekene neqembu elingenalo uzwelo uma uzithambisa.”
UMakume uphinde wahlaba ikhwelo kubalandeli beTeam of Choice ukuba baphume ngobuningi babo.
“Umdlalo weMaritzburg neSundowns uhlale umnandi, ngiyacela ukuba baphume ngobuningi babo abalandeli bethu ukuzoseseka njengoba behlale benza. Siyabadinga njengomdlali ka-12 kulo mdlalo ozobe unzima,” kusho lesi sitobha.
UGrant Kekana odlala emuva kwiSundowns uvumule ukuthi kubaphule umoya ukukhishwa iPirates kwiMTN8 kodwa sebegxile kwiligi.
“Sifuna ukubuyisa isithunzi sethu ngomdlalo weMaritzburg yize kuzoba umdlalo onzima kwazise basezansi kwi-log,” kusho uKekana ekhuluma nethimba leSundowns labezindaba.
“Amaqembu anjalo (asemsileni) enza kubenzima kodwa sizohlela ngendlela bese sifaka wonke umfutho esinawo kwiMaritzburg ukuqinsekisa ukuthi sizithoba amanxeba ngomphumela ozosigcina esicongweni,” kusho uKekana obelokhu egcizelele njalo ukuthi bayobhekana neqembu eliyingozi.