UWUTHATHA njengobalulekile umdlalo weNedbank Cup Last 32 abazowudlala neChippa United umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uMusa Bilankulu, obona ezakhe zikhombisa izimpawu zokudlondlobala kule sizini.
I-Arrows izotholana phezulu neChippa koweNedbank Cup Last 32 ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
Iya kulo mdlalo nje, isalwa nokugcina umgqigqo njengoba ibonakale ibhala icisha emidlalweni yayo yakamuva yeBetway Premiership. Idlale ngokulingana kwemithathu, yanqoba kowodwa.
“Siwuthatha njengobalulekile umdlalo womkhumulajezi esiyowudlala neChippa ngoba uyithuba lethu lokulwela indebe kule sizini. Ngakho sinxusa abalandeli bethu ukuthi baphume ngobuningi ukuzoseseka, senze kungabi lula nakancane kwiChippa ukudlala nathi ekuhambeni,” kusho uBilankulu, ezakhe ezibhaxabule iKaizer Chiefs ngo 1-0 ngaphambi kokudlala ngokulingana neGalaxy.
I-Arrows ihlukane nomqeqeshi, uMabhuti Khenyeza, osekwiChippa United. Igcindezi ikuBilankulu noKagiso Dikgacoi ukuthi banyusele leli qembu esicongweni nokukhombisa abaphathi ukuthi umsebenzi ubafanele. Emasontweni adlule bekunezinkulumo ezimatanisa i-Arrows noManqoba Mngqithi ohlukane neMamelodi Sundowns ngenxa yokungenzi kahle kweqembu. Nokho uBilankulu ubona sekuqala ukukhanya phambili.
“Nakuba isangikhathaza indlela esiwalahla ngayo amathuba okushaya amagoli kweminye yakamuva esiyidlalile kodwa ingihlaba umxhwele indlela esidlala ngayo njengamanje futhi iyakhombisa ukuthi iqembu liyakhula futhi kukhona lapho elibheke khona. Ukuthi nje silungise lawo maphutha, lapha nalaphaya ukuya phambili,” kusho yena.
Abafana Bes’thende okuyilona qembu laKwaZulu-Natal elisakhombisa ukwenza kangcono kule sizini kwiPremiership njengoba lisahlezi endaweni yesikhombisa kwi-log, lingelinye lawakulesi sifundazwe okubhekiwe ukuthi azodlala kanjani kulo mqhudelwano weNedbank oqala kule mpelasonto.
.