YIZE kuzothatha isikhathi ukudlulisa ubuhlungu bokuhlulwa kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yeT20 kodwa iqembu lakuleli lingafunda okuningi ngokwenzeke kulo mqhudelwano ngokusho kukakaputeni, u-Aiden Markram.
AmaProteas angene okokuqala kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yekhilikithi selokhu abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngamazwe ngo-1992 emqhudelwaneni we-T20 obuse-United States naseWest Indies.
Kulo mqhudelwano iqembu lakuleli belishosholoza kwazise liyinqobe yonke imidlalo eyisikhombisa yamaqoqo, laphinde laqumba phansi i-Afghanistan kowandulela owamanqamu.
Kowamanqamu obuseKensington Oval, eBarbados, ngoMgqibelo, lihlangane ne-India okuyiqembu ebelingayazi induku kulo mqhudelwano.
I-India ibhethe kuqala yahlanganisa ama-run angu-176 kuma-over ayo angu-20, yalahlekelwa amawikhethi ayisikhombisa.
Iqembu lakuleli belidinga ukushaya ama-run angu-177 ukuze libe ngompetha bomhlaba okokuqala ngqa. Kuke kwabukeka sengathi lizokwenza lokho ngesikhathi kubhoke uHeinrich Klassen noDavid Miller enkundleni, ibhola belihlanganisa kalula nomphini.
Nokho, ukuphuma kwabo kuholele ekutheni liphelele kuma-run angu-169, sekukhishwe abadlali abayisishiyagalombili, i-India yanqoba ngama-run ayisikhombisa.
“Ayikho into eyodwa engingayikhomba ngithi iyona eholele ekutheni singakwazi ukunqoba umdlalo. Uma ubheka wonke ama-over angu-20 adlaliwe ziningi izinto ebesingazenza kangcono. Noma kunjalo, ngiyaziqhenya ngokuthi silwile futhi kwala kancane ukuthi sinqobe,” kusho uMarkram.
“Akuwona umdlalo wokuqala lapho iqembu lihluleke khona ukuwina selidinga ama-run angu-30 emabholeni angu-30. I-India ishwibe kahle, yanqaka kahle, yazibuyisela emdlalweni. Ziyenzeka izinto ezinjalo. Kusebuhlungu kakhulu ukuthi singaqala sicubungule ukuthi kubhede kuphi.”
UMarkram unethemba lokuthi ukuqeda ishobolo lokuhluleka ukungena kowamanqamu kukhomba ukuthi sekuseduze ukuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukuba ngompetha bomhlaba.
Okumqinisa idolo wukuthi iqembu linabadlali abaningi abazokwazi ukudlala iminyaka, abazobe bekhona emiqhudelwaneni emikhulu ezayo.
INdebe yoMhlaba elandelayo kuzoba eye-T20 ezodlalelwa e-Sri Lanka nase-India ngo-2026. Elandelayo yama-over angu-50 izosingathwa yiNingizimu Afrika, Zimbabwe neNamibia ngo-2027.
“Leli qembu lakhiwe ngabantu abaqotho engibona befanelwe yizinto ezinhle. Benginomuzwa omuhle ngalo mncintiswano ngaphambi kokuba size lapha, waya ngokuya uqina ngesikhathi uqhubeka. Kuzothatha isikhathi ukudlulisa okwenzekile kodwa wumdlalo ekugcineni, kufanele kube khona onqobayo nohlulwayo,” uMarkram uqhube kanje.
“Sizozama ukusebenzisa lo mlilo ovuthayo ngaphakathi kithina emiqhudelwaneni ezayo. Ukufika kowamanqamu okokuqala yinto esingaziqhenya ngayo, yize emehlweni ethu singazuzanga okwanele. Kuzosithatha isikhathi ukuthi sicabange ngakho konke okuhle esikwenzile, okwamanje kusebuhlungu kakhulu,” kuphetha yena.