UKUPHUTHWA ithuba lamadlelo aluhlaza emaqenjini athathwa njengamakhulu ebholeni lezwekazi i-Afrika ngeke kumthene amandla, u-Oswin Appollis, ngoba uyaqonda ukuthi unenkontileka kanti neBafana Bafana iyamdinga.
Lokhu Isolezwe likuzwe ngoLance Davids, obheke izindaba zalo mdlali owasayina inkontileka yeminyaka emithathu ngo-2023 kwiPolokwane City esuka kwiPretoria Callies.
U-Appollis ungomunye wabadlali okukhulunywe ngabo kakhulu ngesikhathi kuvuleke iwindi lokushintshana ngabo.
Ngaphandle kweKaizer Chiefs eyaphumela obala ngokuthi iyamfuna, iMamelodi Sundowns, USM Alger yase-Algeria ne-Esperance de Tunis, yaseTunisia bonke bazamile ukuhlwitha lo mdlali kodwa kwangenzeka.
Muva nje uDavids udalule emsakazweni ukuthi cishe wonke amaqembu abefuna u-Appollis abezimisele ngokukubeka phezu kwetafula obekufunwa iRise and Shine ngaye kodwa usihlalo wayo, uJohnny Mogaladi, ubevele anyamalale uma sekufanele kuqedwe.
“Kuningi okungajwayelekile okwenzekile ngesikhathi amaqembu asenhla ne-Afrika ezama ukusayinisa u-Appollis kodwa iqiniso ukuthi konke bekulele ekutheni uyavuma yini usihlalo weCity ngoba unenkontileka nayo,” kusho uDavids emsakazweni.
“Bengizitshela ukuthi uMogaladi uzoqhamuka ngemizuzu yokugcina njengoba behlale benza osomabhizinisi uma befuna ukukhuphula imali kodwa okugcine kungicacela ukuthi ubengazimisele ngokuhlukana nalo mdlali,” kuqhuba yena.
UDavids utshele leli phephandaba ukuthi u-Appollis uyaqonda ukuthi unenkontileka futhi akanaso isizathu sokutheneka amandla ngoba uyazi nokuthi udingeka eqatha eqenjini lesizwe, iBafana lapho enza khona kahle. U-Appollis ungomunye wabashayele elesizwe amagoli amqoka emidlalweni yakamuva yokuhlungela i-Africa Cup of Nations.
“Ngeke ngiqambe amanga ngithi ujabule ngokugcwele ngoba ubesebalile ngokuthola amadlelo aluhlaza okuhlanganisa nami,” kusho uDavids.
“Okusemqoka ukukhumbula ukuthi ebhizinisini esikulona kulandelwa imigudu. U-Appollis unenkontileka kodwa uma eqhubeka nokwenza kahle abebemfuna bazobuya futhi ngoJanuwari. Iwindi lakamuva lakuleli lokuhwebelana ngabadlali livalwe ngoLwesihlanu olwedlule.
“Okuhle ngesimo akusona u-Appollis ukuthi uyasiqonda futhi uyazi ukuthi kumele aqhubeke nokwenza kahle ukuze ingamphephukeli indawo eqenjini lesizwe,” kusho uDavids.
Akazange athande ukugxila ku-Appollis, uPhuti Mohafe, esithangamini nabezindaba emuva kokuguqiswa iPirates ngo 3-0 koweBetway Premiership ngoLwesibili. ICity ibihlulwa okokuqala ngemuva kokunqoba imidlalo emibili.
“Besizele iphuzu kodwa lasehlula okungeyona-ke into ethusayo uma uzokhumbula ukuthi siyiqembu elincane kanti (iPirates) ingelinye lamakhulukazi ezweni,” kusho uMohafe.
“Sizigwaze ngowethu kuwona wonke amagoli ngakho-ke angikhali kakhulu. Sizobuyela ekhaya siyolungisa sibuye sesingcono. Ngineme ngokuthi iqembu limgcinile u-Appollis ngoba umqoka kulona,” kusho uMohafe. NgeSonto iCity izodlala neStellenbosch ngo-5.30 ntambama, e-Old Peter Mokaba Stadium.