KUBUKEKA kuzoba wumqansa kunoma iliphi iqembu lase-Afrika phakathi kweBanyana Banyana neNigeria, elizogcina likwazile ukuzifaka kuma-Olympics kulandela ukuqhathwa kwamazwe azodlala kulo mqhudelwano ose-France kusukela ngoJulayi.
NgoLwesithathu aqhathiwe amaqoqo ama-Olympics kanobhutshuzwayo abesilisa nawabesifazane emcimbini obuseParis, eFrance.
Amazwe amabili azomela i-Afrika awakakhishwa kwazise kusazodlalwa umzuliswano wokugcina wokuhlunga.
IBanyana ihlalelwe wukugudluza iNigeria abazodlala nayo imilenze emibili kweyokuhlunga. Bese kuphinde kube iMorocco neZambia nabo okumele baqhuthane amakhizane ukuze bazifake kuma-Olympics.
IBanyana izovakashela iNigeria ngo-Ephreli 1, bese bebuya bezobhekana kuleli ngo-Ephreli 9.
Ozonqoba phakathi kweBanyana namaSuper Falcons uzongena ku-Group C lapho elindwe khona izikhondlakhondla zebhola labesifazane emhlabeni iBrazil, Spain neJapan.
Ngeke kusho lutho konke lokhu nokho uma iBanyana ihlulekile ukwenza umsebenzi kwiNigeria emdlalweni okungangatshazwa ukuthi kuzosiphuka izidindi kuwona.
Nakuba iNigeria ibukeka iwumqansa kwiBanyana kodwa indlela le liqembu, likaDesiree Ellis elikhombise ngayo izimpawu zokukhula eminyakeni embalwa edlule, kunzima ukulithatha kancane ukuthi ngeke lizifake kule midlalo eseFrance phakathi kukaJulayi no-Agasti nonyaka.
Indlela iBanyana edlale ngayo koweNdebe yoMhlaba ebiseNew Zealand ngonyaka odlule ayigcinanga ngokukhulisa ukuzethemba ku-Ellis nabadlali bakhe kodwa nezitha sezizoya ngomqondo ohlukile emidlalweni yazo nale liqembu lesizwe.
Ngaphandle kokunqoba umdlalo okokuqala koweNdebe yoMhlaba, iBanyana idlulele esigabeni somkhumulajezi eNew Zealand.
Uma konke lokhu kuzoqhathaniswa nokuqukula kweBanyana okokuqala isicoco se-Women’s Africa Cup of Nations ngo-2022, awamancane amathuba okuthi amaphanta angaphakamisa ukuthi le liqembu lika-Ellis lizoba elesine kwiBrazil, Spain neJapan.