Polokwane City (1) 2
Kaizer Chiefs (0) 0
Basale bedangele abalandeli beKaizer Chiefs iqembu labo lithelwa isibhaxu yiPolokwane City emdlalweni weBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto ntambama.
Amagoli azikise umkhumbi waMakhosi ashaywe ngu-Oswin Appollis noMokibelo Ramabu esiwombeni ngasinye.
IChiefs ibingene enkundleni kulindeleke ukuthi izogeza izinyembezi zabalandeli abaphume bedumele kuyona le nkundla ngesikhathi ijukelwa esiswini njengotshwala yiRoyal AM emdlalweni ophele ngo 2-2 ngesonto eledlule. Ngaphambi kwalo mdlali, Amakhosi abeshaye into ecokeme, ebhaxabula iRichards Bay engasaphelele koweligi. Ukuthola imiphumela engafani ngale ndlela kuyibeka obala inkinga yokubamba umgqigqo ehlalele umqeqeshi, uNasrddine Nabi.
Emuva komdlalo nePolokwane, uNabi uphinde wakhononda ngabadlali bakhe namathuba phambi kwamapali. Wathi kodwa uyayibona inqubekela phambili. Lo mqeqeshi ukubeke kwacaca ukuthi umuntu obagxekayo akalazi ibhola.
Kuqaphelekile nokho ukuthi uNabi unake kakhulu kubagadli ekubeni inkinga yeChiefs esobala ukuthi kusukela kuqale isizini ayikaze ingangenelwa yigoli emdlalweni weligi kule sizini. Amakhosi asevuzise amagoli angu-12, ashaya ayisibalo esifanayo.
KowePolokwane, imizuzu yokuqala engu-15 idlalwe yaze yaphela kungacaci ukuthi yilona liphi iqembu eliwuqale kangcono umdlalo.
Nhlangothi zombili, avelile amathuba yize ebengatheni kodwa umdlalo uze wafudumala ngomzuzu ka-17 ngesikhathi u-Appollis evula inkundla ngegoli kulandela inqwaba yamaphasi amahle abadlali bePolokwane.
Azibanga khona izimpawu zokuphashanyiswa yileli goli kwabeChiefs njengoba bekuseyiPolokwane ekhombisa ukubonana kangcono kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Ibuye ngezinguquko iChiefs kukhishwa uBradley Cross olimale kwesokuqala, Gaston Sirino noWandile Duba. Ezindaweni zabo kungene uTebogo Potsane, Mfundo Vilakazi noThatayaone Dithlokwe.
Ngesesibili, iChiefs ikhombise izimpawu zokuvusa umhlwenga kwazise uPotsane noVilakazi bangene neminyakazo ebonakalayo.
Kuphinde kwaba sengathi iPolokwane iyawupholisa futhi umdlalo kwaze kwaba imizuzu yokugcina lapho iChiefs evuke khona indlobane okulandelwe ukuthi ingenelwe igoli lesibili ngonyawo lukaRamabu. Emuva komdlalo, indumalo ibibhalwe emehlweni kubalandeli baMakhosi abebethemba ukuthi uNabi uzobalethela injabulo osekuneminyaka bengayazi.