ISIMO sempilo sikaSiya Kolisi, ukaputeni wamaBhokobhoko, sizocaca ngoMgqibelo ngo-4.15 ntambama, uma esehola iqembu emdlalweni wokungcweka neWales, eMillenium Stadium.
UKolisi uzobe eqala ukudlala selokhu alimala edolweni ngo-Ephreli ngesikhathi edlalela iSharks koweRugby Championship neMunster eThekwini.
Bekunovalo lokuthi angase angakulungeli ukuyibamba eNdebeni yoMhlaba ezobanjelwa eFrance, kusukela ngenyanga ezayo. Kodwa ufakiwe esikwatini esimenyezelwe ngeledlule ngumqeqeshi uJacques Nienaber.
Ngaphezu kwalokho, usohlwini lwabadlali abangu-15 abazowuqala umdlalo neWales ngoMgqibelo.
Abanye abadlali abazogijima namaBhokobhoko okokuqala kulo nyaka ngoMgqibelo, nguRetshegofaditswe “Ox” Nche, owalimala ngasehlombe ngaphambi kokuqala kweRugby Championship, noJaden Hendrikse owahoxa isikhashana ngemuva kokudlula emhlabeni kwelungu lomndeni.
UNienaber wenze izinguquko ezingu-11 eqenjini elinqobe i-Argentina ngo 24-13 eBuenos Aires, emasontweni amabili edlule.
“USiya no-Ox basebenze kanzima kakhulu emasontweni ambalwa edlule futhi kuyajabulisa ukuthi konke kuhambe ngendlela esivumele ukuba sibaqokele lo mdlalo,” kusho uNienaber.
“Banemidlalo emibili yokuzibeka esimeni esihle ngaphambi kweNdebe yoMhlaba, nakuba kumqoka ukuthi sibanakekele kule midlalo kodwa kumqoka ukuthi sibaqinise ngoba babalulekile ezinhlelweni.
“UJaden ubeneshwa lokungadlali emasontweni ambalwa edlule kodwa ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi ubezilolonga kanzima. Ngakho-ke siyajabula ukuthi ekugcineni uzolithola ithuba lakhe kule mpelasonto. Isimo sakhe sehlukile kwesikaSiya, no-Ox ngoba ubezilolonga ngokugcwele nathi, sekusele ukuthi adlale nje.”
Ngemuva kwalo mdlalo amaBhokobhoko azodlala owokugcina wokuzivivinya neNew Zealand eLondon, ngaphambi kokudlulela eFrance ukuyophothula amalungiselelo eNdebe yoMhlaba.
UNienaber unethemba lokuthi imidlalo esele izobanika isithombe esigqamile mayelana nezinto okusamele bazilungise ngaphambi komdlalo wabo wokuqala weNdebe yoMhlaba neScotland ngoSepthemba 10.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neWales:
Abazoqala: 15 Willie le Roux, 14 Canan Moodie, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Cheslin Kolbe, 10 Manie Libbok, 9 Jaden Hendrikse, 8 Jasper Wiese, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi (captain), 5 RG Snyman, 4 Jean Kleyn, 3 Frans Malherbe, 2 Malcolm Marx, 1 Steven Kitshoff.
Abasebhentshini: 16 Bongi Mbonambi, 17 Ox Nche, 18 Vincent Koch, 19 Franco Mostert, 20 Marco van Staden, 21 Duane Vermeulen, 22 Grant Williams, 23 Damian Willemse.