ISITOBHA seBafana Bafana, uNkosinathi Sibisi, sixwayiswe ngobungozi bokuphesukelwa indawo kuleli qembu lesizwe uma iqembu laso i-Orlando Pirates liqhubeka nokusincisha isikimu njengoba lenzile ngesizini edlule.
Ibhanoyi leBafana ebelizoqonda ngqo eNigeria lisuke sekudlule ihora esikhathini ebesihleliwe izolo ekuseni.
Leli qembu lesizwe eliqeqeshwa, uHugo Broos, lizobanga amaphuzu amathathu ka-Group C wemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMnhlaba ka-2026 neNigeria ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku, eGodswill Akpabio Stadium, edolobheni lase-Uyo.
UBroos obekhuluma nabezindaba ekuqaleni kwesonto eDobsonville Stadium, eSoweto uzwakalise enkulu injabulo ngokuzimisela kukaSibisi kodwa waveza inkinga okuyiyona yodwa ayibonayo ngaye.
Sincane isibalo semidlalo yePirates eqalwe uSibisi kule sizini esanda kusongwa okuyinto ayiqaphelile uBroos.
Kusukela kubuywe ekhefini lemidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka, uSibisi uqale imidlalo yePirates emine kuyona yonke imiqhudelwano.
"Ngineme ngakho konke ngoSibisi futhi ungomunye wabadlali engingangabazi ukuthi noma yini engiyifuna kubona ngiyayithola ingakho ehlale ekhona esikwatini sethu," kusho uBroos kwabezindaba.
"Yize kunjalo kodwa ukweqiwa kwakhe ijezi eqenjini lakhe (Pirates), kuyinkinga kimina ngoba sinomthetho wokuthi abadlali sibabiza ngoba besetshenziswa emaqenjini abo. USibisi umdlali omqoka kodwa ijezi lizophephuka kuyena uma isimo abhekene naso kwiPirates siqhubeka," kuphetha uBroos.
USibisi (28) naye obeyingxenye yalesi sithangami uzwakale njengonethemba lokuthi iBafana ingabuya namaphuzu agcwele eNigeria.
"Likhule ngendlela eyisimanga iqembu lethu kule minyaka embalwa edlule ngakho-ke siya eNigeria singakungabazi ukuthi sinawo amava okubuya namaphuzu esiwadingayo.
"Ngeke kube umdlalo olula ngenxa yobumbango ophakathi kwamaqembu kodwa iBafana ingawunqoba lo mdlalo ngenxa yesipiliyoni egqishe ngaso nokuhambela phezulu kwayo okulandela impumelelo yayo yakamuva," kuphetha uSibisi.
IBafana neNigeria bahlangana kwi-Afcon kowandulela owamanqamu. Umdlalo waphela zibambene ngo 1-1 kwaze kwahlukanisa amaphenathi, kwadlula amaSuper Eagles ngo 4-2.
Elakuleli lizoqeda neNigeria bese liyodlala neZimbabwe ngoLwesibili oluzayo eBloemfontein.