UMQEQESHI weSuperSport United, uGavin Hunt, uzovunyelwa ukuhlala ebhentshini emdlalweni weCaf Confederation Cup nakuba engakaziphothuli iziqu ezimgunyazayo.
Lokhu kuqinisekiswe nguyena uHunt noWalter Steenbok, oyi-Technical Director yaseSouth African Football Association (Safa), ngesikhathi kuqhubeka izifundo zeCaf A License Coaching Diploma eGoli.
UHunt ngomunye wabaqeqeshi abangu-25 abenza lezi zifundo zokuqeqesha ezihlelwe yiSafa ezizophothulwa ngoJuni. Nakuba bonke abaqeqeshi bezohlomula ngalolu hlelo kodwa oluthokozela kakhulu akubuzwa ukuthi nguHunt ohlala nabalandeli njengoba iSuperSport idlala imidlalo yeCaf.
Ngokomthetho weCaf, bonke abaqeqeshi amaqembu abo adlala kwiConfederation Cup nakwiCaf Champions League kufanele kube ngabaneziqu zeCaf A License nangaphezulu. ISuperSport isesigabeni samaqoqo seConfederation. Izovakashela iModern Future yase-Egypt ngoNovemba 25 emdlalweni wokuvula wesigaba samaqoqo.
“Yizindaba ezinhle kuGavin ngoba uma usungene ohlwini lweCaf kuyabonakala ukuthi usuwubhalisele uCaf A. Ngakho uGavin usengahlala ebhentshini. Ngicabanga ukuthi lokho kubalulekile kodwa kithina okubalulekile wukwenza lezi zifundo zibekhona, sibe neqoqo elixube kahle. Sinabadlali abadlale esigabeni esikhokhelayo, sinabaqeqeshi basemazingeni aphansi nabasuka kwiHollywoodbets nakwi-ABC Motsepe League,” kusho uSteenbok.
ISuperSport ikleliswe kuGroup A okukhona kuwona i-USM Alger yase-Algeria ne-Al Hilal Benghazi yaseLibya. UHunt akubuzwa ukuthi kuzomfaka umdlandla ukuhlala ebhentshini ikakhulukazi njengoba beyodlala ekuhambeni. Emidlalweni yeCaf, ebhentshini leSuperSport kade kuhlala uRoscoe Krieling oyiphini lomqeqeshi, kube uThabo September kwiDStv Diski Challenge.
UGavin uzwakalise ukujabula ngomthetho omusha omvumelayo ukuthi athathe indawo yakhe ebhentshini laMatsatsantsa a Pitori.
“Umthetho manje uthi uma usuqalile ukufunda, usungahlala ebhentshini. Yilokho esikutshelwe yiSafa. Siyahamba ngesonto elizayo ngoLwesine. Kunzima ngoba siyaphuma, siyangena futhi sihamba kakhulu,” kusho uHunt.
UHunt uthe okubaluleke kakhulu wukukhiqiza abaqeqeshi abaningi eNingizimu Afrika abazosiza ekunyuseni izinga lebhola.
“Kufanele kube nobuhlakani obunzulu, iziqu eziphezulu nezinga eliphezulu lokwenza okufundile ngoba bonke abantu bengathatha izinto encwadini naku-youtube kodwa umbuzo uthi bazokwazi yini ukuyenza leyonto. Khohlwa okwenzeka ebholeni kodwa ugxile kokwenzeka emdlalweni uqobo emizameni yokuthola izindlela zokuqeqesha abadlali,” kusho uHunt.
“Ngakho sikhona isisekelo. Ngiyazi ukuthi ngesikhathi sivunyelwa ukubuyela ebholeni lomhlaba besineqembu lesizwe elihle. Ibhola lalisezingeni eliphezulu. Kungani selehlile manje? Yilo uhlobo lwemibuzo esidinga ukuthola izimpendulo zayo. Akusizi ukuthi yizona izinkinga lezo kodwa ziyini izixazululo. Isixazululo wukukhiqiza abaqeqeshi abangcono, kunganqamuki lokho. Sidinga izindlela ezingcono zokujimisa. Kodwa inhloso enkulu wukwenza iqembu lesizwe libe ngcono.”