ABASIKI bebunda banuka uJose Mourinho kwesokuthatha amatomu okucija iPortugal ashiywe nguFernando Santos emuva kokuphuma kuma-quarterfinal e-2022 Fifa World Cup.
USantos kumenyezelwe ngoLwesine ukuthi ushiyile kwesokucija iPortugal, emangazwe yiMorocco nayo ezodlalela indawo yesithathu kulo mqhudelwano, ezohambisana nezindondo zethusi.
Esitatimendeni esikhishwe yiPortuguese Football Federation (FPF) ithe bavumelane ngokuthula nalo mqeqeshi oneminyaka engu-68 ubudala “ukunqamula inyathuko yempumelelo eyisimanga eqale ngoSepthemba 2014”.
I-FPF iveze ukuthi isizongena emkhankasweni wokuzingela umqeqeshi ozothatha iqembu lesizwe emidlalweni yokuhlungela i-Euro 2024.
Ngokubika kweSuperSport.com, iphephandaba elisondelene nezindaba zasePortugal, iRecord, libike ukuthi uMourinho useqhulwini lezinhlelo zeFPF ukunikwa lo msebenzi.
Indlela abamfuna ngayo kubikwa nokuthi bazimisele nokumvumela ancelise amawele kuze kuphele inkontileka yakhe kwiRoma edlala kwiSerie A e-Italy.