OMAKHELWANE abayizikhondlakhondla zebhola lase-Europe, iFrance neBelgium, bazodudulana emdlalweni we-last 16 ye-Euro ka-2024 ozocacisa ngezwe elikleliswe kwamathathu aphambili emhlabeni kodwa elingeke liqhubeke nokuba ingxenye yalo mqhudelwano.
IFrance neBelgium abakleliswe iFifa endaweni yesibili neyesithathu ngokwahlukana bazobhekana namuhla ngo-6 ntambama eDusseldorf Arena.
Womabili la maqembu esizwe ahlonishwayo emhlabeni awazange awuqale kahle lo mqhudelwano kodwa futhi ayazi ukuthi angase akhale ngaphandle njengoba kwenzekile kompetha i-Italy uma bezithambisa.
Nakuba womabili la mazwe agqishe ngabadlali abayizilomo nezethenjwa emaqenjini ahlonishwayo e-Europe efike kwelaseGermany ethwelwe ngeqoma kodwa kuze kube imanje awakalikhombisi izinga aziwa ngalo.
Yize isidambile indaba yokuthinteka ekhaleni kukakaputeni weFrance, uKylian Mbappe, kodwa kunzima ukuziba ukuthi lo mgadli osanda kusayina kwiReal Madrid usashaye phakathi iphenathi kuphela kuze kube yimanje kwi-Euro.
Emqhudelwaneni omkhulu odlule odlalwe nguMbappe ushayele iFrance amagoli ayisishiyagalombili kwiNdebe yoMhlaba eyadlalelwa eQatar ngo 2022.
NakwiBelgium isimo esifanayo kwazise uRomelu Lukaku, okuqale umqhudelwano ethishwe ukudla isicathulo segolile kuze kube ima nje akakayibhakuzisi inethi.
Kusemqoka nokho ukubalula ukuthi lo mgadli osemabhukwini eChelsea kodwa ogcine ukubonakala kwiRoma useshaye amagoli amathathu wonke aphikwe i-Video Assistant Referee (VAR).
Okumnandi ngalo mdlalo ukuthi abadlali zinhlangothi zombili abanawo uphawini wokuzonga kwazise babonile ukuthi kwenzekeni kwi-Italy.
Komunye umdlalo wanamuhla we-last 16 iPortugal namanje abaningi abangakayivumi ibhekene neSlovenia ngo-9 ebusuku eFrankfurt Arena.
Osokhaya iGermany neSwitzerland abakhiphe iDenmark ne-Italy ngokwahlukana sebevele balindile ukuthi bazobhekana nobani kweyama-querter final.
IGermany inqobe ngo 2-0 emdlalweni iDenmark ekhale ngokuxhoshwa kuwona kwathi iSwirtzerland yanqoba kalula kwi-Italy okuyiyona ebivikela isicoco.
Sishicilele lo mbiko izolo kusazobhekana i-England neSlovakia neSpain neGoergia ngokwahlukana.