NAKUBA kusengabafana abancane abasazakhela igama ebholeni lomhlaba abasakhombise ubuqhawe ngokuthwala amazwe abo kwi-Euro ka-2024 kodwa imidlalo yama-quarterfinals inika ithuba lokugeza igama izinkakha ezisasele kulo mqhudelwano.
Njengoba i-Euro iqala isigaba sama-quarterfinal namuhla ezinkundleni ezahlukene eGermany, iminyakazo eshiya abalandeli bekhexile ibisaqhamuke nabafana abasazakhela igama kusukela iqalile.
Yize umqhudelwano unomlando wokukhiqiza abadlali ababasha ebholeni lomhlaba ngesikhathi esifanayo waziwa ngokuba yinkundla yokugiya abasuke sebaziwa.
Ubufakazi balokhu wukuthi abadlali okubalwa kubona uZinedine Zidane weFrance, Luis Figo wePortugal noDavid Beckham we-England bagila izimanga ngokwahlukana kulo mqhudelwano sebevele bengabadlali abaphambili emhlabeni.
Indlela abalixova ngayo kusukela kuqale umqhudelwano ngoJuni 14, oJude Bellingham we-England, Nico Williams weSpain noJamal Musiala weGermany, yenza uze ukhohlwe ukuthi oKylian Mbappe weFrance, Memphis Depay weNetherlands noCristiano Ronaldo wePortugal bayingxenye yama-quarterfinal.
Akungatshazwa ukuthi ama-quarterfinal azofika bewalindele abafana abancane kodwa imidlalo ivula ithuba kulaba abaziwayo yize bebengakakhombisi izimpawu zokufudumala baze bafike ezingeni abaziwa ngalo.
Phezulu eqhulwini kuhlangene amaqembu esizwe aholwa yibona laba bafana abancane koweSpain nosokhaya iGermany.
Kuze kube yimanje, uWilliams noMusiala bakhanya njengezibani kula maqembu esizwe ngokwahlukana ngoba bashaya amagoli baphinde bakhele nozakwabo amanye.
Ozonqoba phakathi kwalo mbango wabafana abancane beSpain neGermany, uzobhekana nozonqoba koweFrance, nePortugal.
Kulo mdlalo kuzosala oyedwa phakathi kukaMbappe, noRonaldo ukuqhuba isithunzi salaba badlali abafike kwi-Euro bagqitshwa abafana abancane.
UBellingham olamulele i-England kukubi kodlule, kulindeleke ukuthi ahole leli qembu uma selibhekene neSwitzerland elokhu iqotha buthule kusukela ifikile kwi-Euro.
Kowokusonga eyamaqoqo phakathi kweTurkey neNethelands, u-Ader Guler oneminyaka engu-19, uzophinde athwale amathemba eqembu uma esebhekene nesitobha esihlonishwayo emhlabeni, uVirgil van Dijk weNetherlands.
Isiyonke imidlalo yama-quarter final e-Euro ka-2024 ididiyelwe kanje:
Namuhla ngoLwesihlanu
Spain v Germany (Stuttgart Arena, Volkspark Stadium, 6pm); Portugal v France (9pm).
Kusasa ngoMgqibelo
England v Switzerland (Dusseldorf Arena, 6pm); Netherlands v Turkey (Olympic Stadium, 9m).