Ukukhishwa kompetha be-Africa Cup of Nations eyayibanjelwe eCameroon ngo-2022, iSenegal, kuqhubeze ishobolo leminyaka lokuthi ompetha balo mqhudelwano basheshe baphume noma bangalubhadi kolandelayo.
ILions of Teranga iwashiswe ijezi kwiLast 16 kulo mqhudelwano oqhubekayo e-Ivory Coast ngesikhathi inqotshwa ngosokhaya ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngoMsombuluko ebusuku kulandela umdlalo ophele zibambene ngo 1-1.
Kusukela i-Egypt yaqopha umlando ngokudla izicoco ze-Afcon kulandelana ngo-2006, 2008 nango-2010, abekho ompetha asebeke bafinyelela kuma-quarter-final.
Bekubukeka sengathi iqembu lika-Aliou Cisse lingakushintsha lokhu njengoba liyinqobe yonke imidlalo yalo yamaqoqo futhi beliqhathwe ne-Elephants engene ngembobo yenalithi kweyomkhumulajezi. Ivory Coast iwine kany, yathola isibhaxu kwemibili.
ISenegal isheshe yahamba phambili ngegoli likaHabib Diallo kodwa yavumela i-Ivory Coast ukuthi ibuye umdlalo usuzophela ngephenathi kaFranck Kessie ngaphambi kokuthi iqunjwe phansi sekukhahlelwa amaphenathi.
Ngemuva kokuthatha isicoco emqhudelwaneni owawuse-Angola ngo-2010, i-Egypt ayingenanga nokungena kolandela owawuse-Gabon nase-Equatorial Guinea owagcina unqotshwe yiZambia.
IChipolopolo yabuya yazovikela isicoco sayo eNingizimu Afrika ngo-2013 kodwa yakhishwa esigabeni samaqoqo, indebe yathathwa yiNigeria.
Ngo-2015 iSuper Eagles yashaya ese-Egypt ngesikhathi ihluleka ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni owawuse-Equatorial Guinea.
I-Ivory Coast, eyakhonya ngo-2015, yaphuma esigabeni samaqoqo kolandelayo e-Gabon ngo-2017.
Ompetha bango-2017, iCameroon, bakhishwa kwi-Last 16 kudlalelwa e-Egypt ngo-2019, isicoco sathathwa yi-Algeria.
Nayo iFennec Foxes kuyibhedele kolandelayo odlalelwe eCameroon ngasekuqaleni kuka-2022 ngesikhathi ihluleka ukudlula esigabeni samaqoqo njengoba sekuphinde kwabheda nakwi-Senegal.
Akhona amathuba okuthi isicoco sanonyaka sidliwe yiqembu elingakaze liyiphakamise le ndebe kwazise mathathu amaqembu angakaze ayinqobe i-Afcon asezibekisele izindawo kuma-quarter-final, okuyi-Angola, Cape Verde neGuinea.