UHLABEKE umxhwele umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ngesikhathi umgadli wezakhe, uPeter Shalulile, ebhakuzisa inethi okokuqala kule sizini.
UShalulile uvalele phakathi igoli lesine lamaSandawana ngesikhathi ebhudluza iLamontville Golden Arrows ngo 5-0 kwiLast 16 yeCarling Knockout ngoMgqibelo ebusuku.
Ubesehlale izinyanga ehluleka ukulibeka enethini kumaBrazilian ngisho naseqenjini lesizwe laseNamibia.
Lo mgadli oseke wahlabana ngendondo yokubaqwaqwada emakhanda ngokushaya amagoli kathathu kwiligi yakuleli, wayegcine ukulinamathisela enethini koweligi bedlala neTS Galaxy ngoMeyi.
“Ngicabanga ukuthi sikubeke kwacaca ukuthi bekuwumthwalo wethu ukweseka uPeter. Senze konke ebesingakwenza, kwesinye isikhathi simdlalisa ngisho ekhathele ukuze athole ithuba lokuqeda ishobolo lokungawashayi amagoli,” kusho uMngqithi.
“Nami ngilijabululele leli goli. Kusemqoka kakhulu ukuthi noPeter abe sefomini ephezulu ngoba sizobadinga bonke laba bagadli ukuya phambili. Ibiyinhle kakhulu indlela iqembu ebelilokhu limeseka ngayo.
“Ngiyalithanda iqembu enginalo. Nginabadlali abaningi abahle kakhulu abanozwelo, ababezwelana noPeter ngezikhathi ezinzima. Kuyajabulisa ukubona indlela abalijabulele ngayo leli goli.”
Ngesikhathi uShalulile eshaya leli goli cishe kusukume lonke ibhentshi nabadlali abebesekundleni, baya komhalalisela.
UMngqithi uphinde wancoma abadlali bakhe ngokusebenzisa amathuba esiwombeni sesibili kulandela ukumosha inqwaba kwesokuqala abashaye amabili kusona.
“Kumele ngibahalalisele ngokushaya amagoli amahlanu yize ngibona ukuthi asikabi bukhali ngokwanele. Maningi amathuba esingawasebenzisanga esiwombeni sokuqala,” uqhube kanje.
“Kodwa ngicabanga ukuthi kuningi esikwenzayo okubukeka kukuhle. Engizama ukukugcizelela kubadlali futhi ngicabanga ukuthi sekuyangena emakhanda abo, ukuthi bazikhathaze ngokushaya amagoli nokwakha amathuba amahle.
“Uma ngibona indlela abajabulela ngayo amagoli mhlawumbe nabo basuke bekubhekise kimina ngoba ngesikhathi sekhefu ngikhalile ngesibalo samathuba abawagejayo. Ngisajabule ngesibalo samathuba esiwakhayo.”
Kule sizini iSundowns ishaye igoli elilodwa emidlalweni emithathu yeMTN8, ayisishiyagalombili kwemibili yeCaf Champions League, ayisishiyagalombili kwemithathu yeBetway Premiership, namahlanu kowodwa weCarling Knockout.