AmaZulu FC (0) 2
TS Galaxy (2) 3
ASHABALELE amaphupho okuthi kungenzeka kube khona iqembu laKwaZulu-Natal kowamanqamu eCarling Black Label Knockout ngesikhathi AmaZulu FC eguqiswa yiTS Galaxy ngo 3-2 kowandulela owamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngeSonto ntambama.
Lo umphumela uchaza ukuthi iGalaxy isizobhekana neStellenbosch FC kowamanqamu ozobanjelwa eMoses Mabhida Stadium, ngoDisemba 16. IStellies ikhiphe elinye iqembu laKwaZulu-Natal, iRichards Bay eyishaye ngo 3-0 eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo.
Amagoli eGalaxy avalelwe nguLehlohonolo Mojela, Higor Vidal noSamir Nurkovic ngokwahlukana kweziwombe. AwoSuthu angene esiwombeni sesibili eshaywa ngu-Augustine Kwem noJunior Dion.
Kusheshe kwamuncu kwidlanzana labalandeli boSuthu abafikile enkundleni ngesikhathi izivakashi zilibeka enethini ngomzuzu wesibili.
UMojela uthole ibhola ebelivezwe nguMpho Mvelase, wagijima nalo njalo waze wayongena ebhokisini, ngaphambi kokushaya umgundatshani omshiye elele unozinti waMaZulu, uVeli Mothwa.
Yize kuqale kwabonakala sengathi ukungenelwa yigoli zibekwa kulithusile iqembu likaPablo Franco Martin kodwa ngemva kwesikhashana, liqalile ukudlala ibhola yize bekunzima ukudlula odongeni wasemuva lweRockets.
Noma kunjalo kube yizivakashi ezicishe zathola igoli lesibili ngomzuzu ka-21. UMojela obeyiphela endlebeni ezitobheni zoSuthu, uphinde wathola ibhola ebeliqhamuka kuSiphiwe Mahlangu ngakwesokunxele kodwa kulokhu uMothwa walivimba ibhola lakhe.
Kusebenze unozinti weGalaxy uFiacre Ntwari ngomzuzu olandelayo evimba ishodi eliqinile ebelishaywe nguPule Ekstein kulandela umnyakazo omuhle obuqalwe ngu-Ethan Brooks ngasenkabeni yenkundla.
IRockets igcine ilitholile igoli lesibili ngomzuzu ka-26 ngephenathi ebekwe enethini nguVidal ngemuva kokuthi unompempe esole uMothwa ngokuwisa uMojela ebhokisini.
Usuthu belusazama ukuthola igoli esiwombeni sokuqala kodwa kunqabe uNtwari selufikile epalini leGalaxy. Lo nozinti ovimbela neqembu lesizwe laseRwanda, uvimbe imbumbulu ebiqhamuka kuRiaan Hanamub ngomzuzu ka-30, nelinye ibhola eliyingozi ebelithunyelwe nguRamahlwe Mphahlele.
Umqeqeshi wamaZulu wenze izinguquko ezintathu sekubuywa ekhefini, efaka uTaariq Fielies, Tshepang Moremi noKwem ezikhaleni zikaWayde Jooste, uPule Ekstein noMlondi Mbanjwa.
OweGalaxy, uSead Ramovic uphendule ngezakhe ezimbili efaka uThabang Rakwena noNurkovic ezindaweni zikaMarks Munyai noVidal.
Imizamo yoSuthu yokugqobhoza udonga lweRockets igcine iphumelele ngomzuzu ka-76 ngesikhathi uKwem elibeka enethini engasekho unozinti, ehlangana nebhola abeliphaselwe nguDion ngekhanda.
Kuthe ezikaFranco Martin sezithumele bonke abadlali phambili zizama ukuthola igoli lokulinganisa lwavulela iGalaxy izikhala zokuthi ihlasele ngesivinini, nokuholele ekutheni ithole elayo lesithathu elishaywe nguNurkovic esikhathini esingezwe ngunompempe.
Usuthu aluvumanga ukusheshe lugobe uphondo njengoba lukwazile ukuthola igoli lesibili elishaywe nguDion. Nokho bese sisincane isikhathi esisele, umdlalo waphela ngo 3-2.