USEHLELE waqeda umqeqeshi weBaroka FC, uDan “Dance” Malesela ukuthi uzoyigudluza kanjani i-University of Pretoria endaweni yesibili kwi-log yeMotsepe Foundation Championship njengoba bezobhekana kowokusonga isizini ngeSonto ngo-3 ntambama, eTuks Stadium, ePitoli.
IBaroka isendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-46 okuyinikeza ithuba lokuzifaka emidlalweni yokuhlungela ukukhuphukela kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
Nokho ayihleli ngokukhululeka kule ndawo nokwenza ukuthi kubemqoka ukulwela ukuthatha amaphuzu agcwele kumaTuks asendaweni yesibili ngamaphuzu awu-48.
Lesi simo sala maqembu yisona esizokwenza ukuthi lo mdlalo ushube futhi ube ngeminye yezobhekwa ngabomvu yeMotsepe Foundation ngeSonto.
Iqembu eliqhwakele iMagesi eselivele lisithathile isicoco okuhambisana negunya lokudlala kwiPremiership.
Umbango omkhulu ngowendawo yesibili neyesithathu. Amaqembu azoqeda khona azodlala kweyokuhlunga neqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwiDStv Premiership.
UMalesela obekhuluma nethimba labezindaba leBaroka, akangabazi ukuthi beyiqembu bakhuthazeke ngokwanele ngethuba lokuqeda isizini besendaweni ezobagunyaza ukuyodlala kweyokuhlunga.
Kusekuningi okusengenzeka njengoba kujwayelekile ngosuku lokugcina lwesizini, kodwa okusobala ukuthi ozoshaywa koweTuks neBaroka usengcupheni yokweqiway i-JDR Stars nayo esembangweni wokuyodlala kweyokuhlunga.
IJDR ehleli endaweni yesine, elingana neBaroka ngamaphuzu, izobe idinga ukunqoba iMaritzburg United ehleli endaweni yesihlanu ngamaphuzu awu-43.
“Indlela imiphumela ehambe ngayo emidlalweni eyandulela eyokugcina ingitshela ukuthi uMdali ukhethe ukuthi ziye osukwini lokugcina kungekho owazi ikusasa lakhe ngaphandle kweMagesi ukuze imidlalo izohlabahlosa yonke,” kusho uMalesela.
Uthe ukhiye kubona wukuqinisekisa ukuthi abadlali basemqondweni ofanayo nofanele ngoba akukho okutheni abasengakwenza ngokwamaqhinga.
Uveze ukuthi iqhinga sekuyikhona ukuqinisekisa ukuya kulo mdlalo ngokuqonda konke okufanele bakwenze ukuze baphumelele.
“Okusemqoka ukwehlisa ilukuluku kubadlali ngoba imidlalo yokugcina ikwenza uzizwe ngendlela ongayijwayele.
“Ukhiye ukufika emdlalweni sisesimweni esingcono kuneTuks ngokomqondo. Akukho-ke okunye esimatasa ngakho.
“Isethubeni elingcono iTuks ngoba isekhaya kodwa futhi sinamaqhinga okuqinisekisa ukuthi abadlali bethu abaphazamisekile ngisho ngabe basekuhambeni,” kuqhuba yena.
Uyasokola nokho uMalesela ngendlela abazenzele ngayo phansi kule sizini.
Uthe akufanele ngabe bakhuluma indaba yethuba lokuya kweyokuhlunga, bazezenzele phansi bephindelela njengoba sebhekene nalesi simo.
Akakufihli namanje ukuthi isifiso sakhe esikhulu ukukhuphulela iqembu leMotsepe Foundation esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.