ISITOBHA seKaizer Chiefs sase-Angola, u-Inacio Miguel, asimboni ezinza kuMakhosi, uzakwabo uRushwin Dortley, njengoba sibona lo mdlali osemncane njengohlukile kwabanye ngenxa yenhlonipho, ukuzimisela nokukwazi ukuthatha iziyalo.
UDortley (22) usayine inkontileka yeminyaka emithathu emasontweni ambalwa neChiefs ngesivumelwano sokuthi ingelulwa ngomunye unyaka uma izinhlangothi zombili zisaneme ngalokho.
Uyigijime wayiqeda yonke eyeChiefs yeBetway Premiership neMarumo Gallants, AmaZulu FC neMamelodi Sundowns abasayidlalile.
Ukugqama kwalo mdlali wasemuva obedlalela iCape Town Spurs edliwe izembe ngesizini edlule, sekuze kwathatha neso, likaHugo Broos, kwiBafana Bafana.
Akuyena yedwa uBroos othathekile ngoDortley kwazise no-Inacio ubona ikusasa eliqhakazile kuphela kulo mdlali waseKapa.
Ukudlala ngokuhlangana kukaDortley noMiguel kubukeka kusabavalele ngaphandle, oGiven Msimango noThatayaone Ditlhokwe.
UMsimango noDitlhokwe basala ngaphandle nje, bobabili banomlando wokuba abaholi emaqenjini abasuke kuwona ngaphambi kokusayiniswa iChiefs.
UMiguel osephenduke isithenjwa nesithandwa saMakhosi kusukela efikile ekuqaleni kwesizini esuka kwiPetro de Luanda, ubebuzwe abezindaba abehlangene nabo ngempelasonto ukuthi yini edala ukuthi kube sengathi baneminyaka bedlala ndawonye noDortley.
“Angimboni ehlala isikhathi eside kwiChiefs ngoba uphiwe ngasethalenteni kodwa uhlukile kontanga yakhe ngoba akanankinga nokutshelwa kumbe ukuboniswa,” kusho uMiguel.
“Abadlali abanekhono njengoDortley bavamise ukungatshelwa kodwa yena uhlukile ingakho eseqalile ngisho ukuheha iso lomqeqeshi weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.
“Kuyazenzekela ukuthi sidlale ngokuhlangana ngoba ululambele ulwazi. Usazoqhubeka nokudlala leli okuthiwa linenkosi phakathi hhayi kwiChiefs kuphela kepha nakwiBafana.
“Angingabazi ukuthi ithalente lakhe lizomvulela amadlelo aluhlaza ngokushesha. Okuzomsiza kakhulu kulokhu ukuthi njengoba esengenile kwelesizwe angabe esawudedela umgqigqo khona ezozinza,” kusho uMiguel.
UBroos ngesikhathi ebiza uDortely kwiBafana okokuqala ngenyanga edlule, wamchaza njengohlobo lomdlali wasemuva oyinxele akukade ayemfuna selokhu afika kuleli. Wathi umthandela ukuthi uyakwazi ukuqala iminyakazo uma iqembu kumele lihlasele.