UKUBA yingxenye yeqembu lesizwe laseTanzania ebelibambe iqhaza kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast kusize umdlali uMohammed Hussein wafeza iphupho leminyaka lokuhlangana neqhawe lakhe uSiphiwe Tshabalala.
UHussein (27) wayesezohlanganisa iminyaka engu-14 ngo-2010 ngesikhathi uTshabalala eshaya igoli lokuqala eNdebeni yoMhlaba, edonsa imbumbulu yeshodi ayizwa ngendaba unozinti weMexico, u-Oscar Perez, kwachwaza inkundla yonke eFNB Stadium.
Kusukela lapho uthando aluzange luphele kuHussein njengoba aqhubeka nokusebenzisa isiteketiso esithi “Tshabalala” ngisho esedlala ebholeni elikhokhelayo ubesaziwa ngalelo gama namanje futhi waziwa ngalo eTanzania lapho edlalela khona enye yezinkunzi zakhona, iSimba FC.
Nakuba uTshabalala wakuleli ayegijima esiswini ngesikhathi edlalela amaqembu afana neFree State Stars, Kaizer Chiefs, AmaZulu kanye nelesizwe iBafana Bafana, owaseTanzania yena udlala emuva ngakwesokunxele.
ITanzania iphume esigabeni samaqoqo kwi-Afcon yanonyaka ngokulala isine kuGroup F kodwa amanxeba kaHussein athotshwe wukuhlangana noTshabalala kabili kulo mqhudelwano.
“Ekugcineni sengihlanganile neqhawe lami, umuntu owangenza ngalithanda kakhulu ibhola. Wangenza ngabhala isibongo sakhe ejezini lami. Unonyawo lwesokunxele olumangalisayo futhi nguyena owashayela iNingizimu Afrika igoli lokuqala eNdebeni yoMhlaba ka-2010. Lo mqhudelwano ungenze ngahlangana nomuntu omkhulu kakhulu,” ubhale kanje uHussein ekhasini lakhe kwi-Instragram.
UTshabalala utshele iCaf Online ukuthi naye kumjabulisile ukuhlangana nalo mdlali ake ezwa ngaye phambilini.
“Bakhona abantu abangitshela ngaye ngakho kungijabulise kakhulu ukuthi ngigcine ngilitholile ithuba lokuhlangana naye,” kusho uShabba.
Kuyona le-Afcon bekunomdlali wase-Egypt, uMahmoud Hassan, kodwa owaziwa ngelikaTrezeguet ngenxa yokufaniswa nenkakha yaseFrance, uDavid Trezeguet, kusukela esemncane.
Kunabanye abadlali abaqanjwe ngezihlabani zebhola zakudala kodwa umehluko wukuthi awabo amagama asemthethweni.
URoy-Keane Aventuur weStellenbosch FC, obolekiswe eqenjini eligijima kwiMotsepe Foundation Championship, iLa Masia, waqanjwa ngegama nesibongo somdlali wase-Ireland owaduma kwiManchester United, uRoy Keane.
Kunomdlali oseqala ukushisa izikhotha odlalela iqembu lesizwe lika-Under-17 laseBulgaria, uSteven Gerrard Gaote, oqanjwe ngomdlali owayegijima kwiLiverpool ne-England, uSteven Gerrard.