PHEZU kwezinkinga ezibikwa kumaCAA African Senior Championships, abasubathi bakuleli bebesaqhubeka nokunqoba izindondo ukuze kusongwe behleli endaweni yokuqala.
Ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yokusonga izolo ntambama, elakuleli bese liqoqe izondondo eziwu-16. Beziyisikhombisa ezegolide, zintathu ezesiliva, zibe yisithupha ezethusi. Le midlalo eqale ngoLwesihlanu olwedlule beyiseDouala, eCameroon.
Lube luhle kwabakuleli usuku lwangoLwesibili njengoba benqobe izindondo ezinhlanu. Ezintokazini, uJo-Ane van Dyk uhlabane ngeyegolide kwi-javelin throw (57.03). UJana van Schalkwyk uthole eyesiliva (55.14). Intokazi, u-Ashley Erasmus odlala i-shot put, uphule irekhodi lakuleli ngokuphonsa ibanga elingu-18.17.
Kwabesilisa, kwi-pole vault, uKyle Rademeyer unqobe eyegolide (5.20) kwathi u-Alan Cumming wanqoba eyesiliva kwi-hummer throw (69.43). Umakadebona, uWayn Snyman, uhlabane ngeyethusi ku-20km walk.
Sikhulu isikhalo ngokungahleleki kwezinto emidlalweni yalo nyaka.
Lesi simo size saphoqa ukuthi iqedwe ngoLwesithathu esikhundleni sangoLwesibili. NgokweMmegi Online yaseBotswana baqome ukuyiduba le midlalo abasubathi bezinga abanjengoShaun Maswanganyi wakuleli, Letsile Tebogo (Botswana), Marie Dominique noTa Lou-Smith (Ivory Coast), Favour Ofili noRosemary Chukwuma (Nigeria).
UMaswanganyi oseqenjini lakuleli eliya kuma-Olympic Games eParis, ucashunwe iSunday World ethi ufonelwe uBarry Hendricks ongumengameli weSascoc, emsola ngesenzo sakhe.
"Ngikhulumile noHendricks. Uthe ngizojeza ngokwenza lokhu. Impendulo yami ithe ngingamane ngibhekane nokujeziswa kunokuthi ngibeke impilo yami engcupheni," ucashunwe esho kanje kanje lo msubathi webanga lika-100m nelika-200m.
Udube kumele agijime i-4x100m relay.
Umthombo weSolezwe oseCameroon, uveze ukuthi izibhamu ezisusa umjaho bezingasebenzi esikhathini esiningi.
"Kuze kwachitshiyelwa ngokuthi kushayaniswe amapulangwe ukuze kuphume umsindo. Nezinsimbi okubhalanswa kuzo kwi-track uma kuzosuka umjaho bezingabambelele phansi. Usuku lokuqala lwaze lwaphela abagijimi bengazazi izikhathi zabo ngenxa yokungasebenzi kwewashi. Nezokuthutha bezingahlelekile. Abanye abagijimi bebeze bagibele amatekisi uma beya enkundleni okuqhudelwana kuyo. Nokudla kwakhona bekungekho ezingeni," kubeka umthombo.
Esitatimendeni esithunyelwe i-Athletics South Africa (ASA), umengameli wayo, uJames Moloi, uthe kuzo zonke izinsuku bebelwela ukunqoba indondo yegolide.
"Umyalelo bewuthi kumele siqhubeke nokukhonya e-Afrika. Yingakho besigcizelela ukuthi abasubathi bethu banqobe amagolide," kubeka uMoloi.