I-CELL C Sharks isalinde imibiko yodokotela mayelana nezethenjwa zayo ezimbili, uSiya Kolisi noCurwin Bosch, abalimele ngoMgqibelo ebusuku.
Bobabili kudingeke ukuthi bakhishwe ngesiwombe sokuqala ngesikhathi iSharks idlala umdlalo wayo wokugcina wamaqoqo we-United Rugby Championship neMunster eHollywoodbets Kings Park.
Lo mdlalo uphele zibambene ngo-22-22 kodwa amaphuzu amabili atholakele, akwazile ukufaka leli qembu laseThekwini kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
“Kuzofanele silinde odokotela ukuthi bahlole isimo sedolo likaSiya. UBosch yena ulimele ezimbanjeni. Sizophinde simhlole futhi sithole izimpendulo kudokotela. Kufanele sazi ngoMsombuluko ntambama ukuthi isimo sabo sinjani,” kusho umqeqeshi weSharks, uNeil Powell.
“Kube yishwa ukuthi silahlekelwe nguSiya ngasekuqaleni komdlalo. Ungumdlali omqoka futhi ungumholi kodwa sinabo abadlali abangayithatha indawo yakhe.
“Yingakho singena emdlalweni nabadlali abangu-23, hhayi nje abangu-15. Sinabo abadlali abanekhono eqenjini. UPhepsi (Buthelezi) ungumdlali oseqophelweni eliphezulu.”
UKolisi ubedlala umdlalo wakhe wokugcina ekhaya kwiSharks njengoba ezojoyina iqembu laseFrance, iRacing 92, ngemuva kweNdebe yoMhlaba.
Omunye olibangise phesheya obevalelisa kubalandeli ngemuva komdlalo neMunster nguThomas du Toit, oseyogijima eqenjini lase-England, iBath.
ISharks iqede endaweni yesishiyagalombili kwi-log kanti isizobhekana noLeinster, eqede esicongweni, kuma-quarterfinal ngenyanga ezayo.
UPowell uvumile ukuthi ukudlala naleli qembu lase-Ireland ekuhambeni kuzoba wumsebenzi onzima kodwa bazosika iphethini kwiVodacom Bulls, eyakwazi ukunqoba eDublin ngesizini edlule.
“I-Leinster iyiqembu elihle kakhulu. Kuzoba yinselelelo ukuyishayela enkundleni yayo. Kodwa sesikhombisile ukuthi yini esingayenza uma sizimisele,” kuqhuba uPowel.
“Sidlale kahle esiwombeni sokuqala njengoba besibhekene neMunster. Uma singadlala ngendlela efanayo imizuzu engu-80, kuzosibeka ethubeni lokunqoba iqembu eliphezulu njengeLeinster.
“IBulls ikhombisile ukuthi kungenzeka noma yini ngesikhathi ibanqoba (ngonyaka odlule) kowandulela owamanqamu. Ngeke kube lula kodwa kungenzeka.”
Ompetha, iDHL Stormers, baqede endaweni yesithathu nokuchaza ukuthi bazodudulana neBulls, elale endaweni yesithupha, kuma-quarter-final. Lo mdlalo uzobe uyimpinda yowamanqamu wanyakenye lapho kwanqoba khona iStormers ngo-18-13 eKapa.
I-Emirates Lions iqede endaweni yesishiyagalolunye yahluleka ukudlulela esigabeni somkhumulajezi.