IZOQALA kabuhlungu imidlalo yeNdebe yoMhlaba yabesifazane, iFifa Women’s World Cup, eNew Zealand kulandela isigameko esenzeke edolobheni lase-Auckland, esishiye abantu abathathu beshonile kwalimala okungenani abayisithupha.
Ngokwemibiko owesilisa ungene endaweni okwakhiwa kuyona, okuyilapho abesebenza khona, ngoLwesine wavulela ngenhlamvu kwashona abantu ababili kwalimala nabanye.
Amaphoyisa agcine ekwazile ukumvalela ekhoneni kwabe sekudutshulwana, wagcina eshonile umdubuli, kwalimala namaphoyisa.
Lokhu kwenzeke sekusele amahora ambalwa ngaphambi kokuthi idolobha lase-Auckland lisingathe umdlalo wokuvula iNdebe yoMhlaba phakathi kwe-New Zealand neNorway, ozoqala ngo-9 ekuseni (ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika) e-Eden Park.
Nakuba kwenzeke lokhu, iziphathimandla zase-Auckland nenhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, bakuqinisekisile ukuthi umdlalo uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe.
"IFifa idlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani babalahlekelwe yizimpilo zabo kulandela isigameko esenzeke ekuseni e-Auckland/Tāmaki Makaurau, e-Aotearoa, eNew Zealand. Imicabango nemikhuleko yethu igxile nakulabo abalimele,” sifundeka isitatimende seFifa.
“Ngemuva kwalesi sigameko umengameli, uGianni Infantino, nonobhala weFifa, uFatma Samoura, bebexhumana neziphathimandla. IFifa yaziswe ukuthi lesi bekuyisigameko esingahlangene nebhola kanti umdlalo wokuvula e-Eden Park uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe.
“Amahora okuvulwa kweFifa Fan Festival e-Auckland/Tāmaki Makaurau enkabeni yedolobha azoqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi. Siyaxhumana namaqembu azinze ezindaweni ezisondelene nalesi sigameko futhi sizowaseka ngayo yonke indlela.”
INew Zealand isingathe lo mqhudelwano ngokubambisana nomakhelwane bayo i-Australia, abazodlala umdlalo wokuqala neRepublic of Ireland e-Stadium Australia, eSydney, ngo-12 emini.