AYANKENTEZA ezindlebeni zikaMfundo "Obrigado" Vilakazi amazwi esibabuli seKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, esimdonse ngendlebe mayelana nokuziphatha.
UVilakazi (15), odlala eqenjini laMakhosi leDStv Diski Challenge, uyisilomo sabalandeli beqembu eliqeqeshwa nguVela Khumalo.
Ngempelasonto edlule ushaye igoli lokuqala leChiefs ngesikhathi yehlula iStellenbosch FC ngo 2-0 kowamanqamu weDStv Diski Shield eHammarsdale.
Ngalokhu Amakhosi aqophe umlando wokuba yiqembu lokuqala eNingizimu Afrika eliwine le ndebe kabili. EMzansi baningi abadlali abasebancane abaqala bethembisa kodwa kusheshe kuphele ngabo ngenxa yokwehluleka wukuziphatha nokumelana nodumo. UVilakazi uthe iqhawe lakhe, nguDolly, liyamtshela ngokufanele akuqaphele njengoba esedumile ekubeni esemncane.
"Ngibukela kuKeagan Dolly ngoba ngidlala njengaye. Ngikhuluma naye ngaso sonke isikhathi futhi uyangithanda. Uma sizojima nesikimu esikhulu uyangikhuthaza, angitshele ukuthi njengoba abantu bengithanda kanjena akumele ngibaphoxe futhi ngingakufaki ekhanda ukuthi sengidumile,“ kusho uVilakazi.
“Kufanele ngisebenze kanzima futhi ngigxile esikoleni. Nginayo ingcindezi ngisho esikoleni ngenxa yodumo. Ngithi ngizimele abantu bafune ukushutha nami. Ngiyavuma ukukwenza lokho ngoba kufanele ngizehlise. Ubaba nabaqeqeshi beChiefs bahlale bengitshela ukuthi akufanele ngizikhukhumeze. Uma abantu bengitshela ukuthi ngidlala kahle, akufanele lokho ngikufake ekhanda ngoba kuzongilimaza."
Ikhono likaVilakazi seliholele ekutheni abalandeli beChiefs bafune afakwe esikimini esidlala kwiDStv Premiership.
Amakhosi anyusele esikimini esikhulu ukaputeni, uMduduzi Shabalala (18) okubhekwe lukhulu kuyena. UShabalala udlala ngokuzwana noVilakazi othathe amehlo abaningi egila izimanga emqhudelwaneni iPhilly's Games, eTembisa ezinyangeni ezedlule.
"Angikholwa wukuthi sengikulungele ukudlala esikimini esikhulu. Ngisadinga isikhathi ngoba akusizi ukujaha izinto. Izinto eziza kalula, zihamba kalula. Akufanele uzijahe," kusho uVilakazi.
Eminyakeni edlule kwiChiefs baningi abadlali abaqale enkulisa yayo abagcine bezakhele igama ebholeni laseMzansi. Abanye babo uJabu Mahlangu, Junior Khanye, Nhlanhla Kubheka, no-Itumeleng Khune.