IMENENJA kaLuke Baartman weCape Town Spurs iveza ukuthi uzoya kozama inhlanhla emaqenjini ase-England.
Nokho uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Group ophethe izindaba zalo mdlali, wale waphetha ukuveza amagama amaqembu uBaartman (17) azohlolwa kuwona nokuthi akusiphi isigaba.
Lo mgadli ungumkhiqizo wenkulisa yeSpurs. Ujoyine iqembu elikhulu ekuqaleni kwesizini ephezulu.
Umdlalo wakhe wokuqala wawungo-October 23, beshaywa yi-Orlando Pirates ngo-2-0, esigabeni sokuqala seCarling Black Label Knockout.
Wangena ngomzuzu ka-79, endaweni kaMichael Morton. Kolandelile babuyise izinduku kweZimnyama koweligi lapho uBaartman wangena ngomzuzu ka-49 wenyusa izinga lomdlalo, bagcina benqobe ngo 2-1.
Kowesithathu, babhekane nezinye izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs nakuba bedliwe ngo-3-2, azakhele kuwo ugazi kwabaningi.
Inguzunga yegoli lesibili alishayile lishiye umakadebona kanozinti weChiefs, u-Itumeleng Khune ebheke phezulu.
NgoNovemba kuvele ukuthi ucathanyelwa yiLeeds United edlala esigabeni sesibili, e-England.
Kuphinde kwavela nokuthi ugaqelwe iCeltic edlala kwiScottish Premiership. UMitchell uthe basahlela kahle izinto ulindele ukuthi uBaartman afulathele elakuleli maduze.
"Ngicela ungithinte kahle ngenyanga ezayo ngizobe sengikutshela into ecacile ukuthi uLuke uzoyizama kuphi inhlanhla.
“Ungizwe kahle, angisho ukuthi uzosayina kula maqembu, usayozama inhlanhla. Kumele sikuhloniphe ukuthi uwumdlali weSpurs," kubeka uMitchell.
Unqabile ukuveza amagama noma esebuzwa ukuthi ngabe uyozama kwiLeeds noma kwiCeltic.
"Nalokho sakuzwa ngani bezindaba. Yebo akhona amaqembu ayilandelayo indlela adlala ngayo,“ esho.
Uveze nokuthi uyayithanda indlela iSpurs esingamxini ngayo uBaartman.
Kuzokhumbuleka ukuthi iyona le menenja ebihambise uRelebohile Mofokeng wePirates, kwiWolverhampton Wanderers edlala kwi-English Premiership ukuyozama inhlanhla.
UMitchell utshele Isolezwe ukuthi umqeqeshi waleli qembu, uGary O'Neil uhlabeke umxhwele ngekhono likaMofokeng.
Uthe lo mdlali kubikwa ukuthi ushaywe wukungaqini ngokwanele ngokomzimba.
Wakhala ngokuthi empeleni iningi labadlali bakuleli lishaywa into efanayo.
Uthembise ukuthi usazoqhubeka nokuzamela uMofokeng amanye amaqembu azohlolwa kuwona.
Ebuzwa ukuthi ngabe zihamba kanjani izinhlelo zokubuyela kukaMofokeng phesheya, uthe: “Okwamanje alikho iqembu esengilitholile. Awungilinde kuphele isizini.”
Ngempelasonto edlule iSpurs sibuyise ithemba kubalandeli baso sishaya iRichards Bay ngo-1-0.
Ezibuhlungu ngezokuthi leliqembu lisahleli emsileni ngamaphuzu awu-15, emidlalweni ewu-25.
IBay ilele kweyesibili uma kusukwa emsileni ngamaphuzu awu-20 emidlalweni elinganayo neSpurs.