AMAQEMBU amabili eDStv Premiership azobuya ekhefini leFifa eseshaya ngabaqeqeshi abasha.
Izolo iSekhukhune United yethule uLehlohonolo Seema obesule isigubhukane kwiPolokwane City ngesonto eledlule.
Uzothatha indawo kaBrandon Truter okumenyezelwe ngokusemthethweni ngesonto eledlule ukuthi useshiyile kwiBabina Noko. Okuvelile wukuthi bahlukaniswe wukugqoza kwemiphumela emihle njengoba iqembu lisendaweni ka-14 kwi-log ngemuva kokunqoba imidlalo emine kwengu-12 eseliyidlalile kwiligi.
IBabina Noko, esiphumile kwiCarling Black Label Knockout, ayigcini ngokudlala kwiligi njengoba isayibambile kwiCaf Confederation Cup.
USeema, obonge usihlalo weqembu uSimon Malatji ngendlela ezihambe ngayo izingxoxo, uthe okwamanje azikho izethembiso azozenza.
“Angifisi ukwenza izethembiso ngaphandle kokuthi ngizozimisela, ngisebenze ngokuzinikela eqenjini,” kusho uSeema esitatimendeni esikhishwe yiqembu ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko.
EKapa, iCape Town Spurs ilande umakadebona, u-Ernst Middendorp, ukuthi azovusa leli qembu elilokhu linamathele emsileni kwi-log. ISpurs isakwazi ukunqoba i-Orlando Pirates kuphela emaqenjini angu-11 esibhekane nawo selokhu ikhushulelwe kwiDStv Premiership ekuqaleni kwesizini.
Umqeqeshi obeyifake kulesi sigaba, uShaun Bartlett, uxoshiwe ekuqaleni kuka-Okthoba esehlulwe emidlalweni eyisikhombisa.
UMiddendorp uzosizwa uVasili Manousakis. USean Connor uzobuyela esikhundleni sakhe sokuba yiTechnical Director.
UMiddendorp akaqali ukulandelwa ukuzovusa iqembu elibhekene nezembe kwiPremier Soccer League.
Lokhu wakwenza ngempumelelo ehlenga iMaritzburg United emlonyeni wengwenya ngemizuzu yokugcina ngesizini ka-2015/2016.
Wayifica iyivale emsileni maphakathi nesizini, wayincenga kancane yagcina iqede endaweni ka-14 ngaphezulu kwe-University of Pretoria neJomo Cosmos.
“Nguyena ofanelwe yilo msebenzi futhi uyakwazi okumhlalele. Njengeqembu sikucacisile esikubhekile kuyena futhi siyethemba ukuthi uzophumelela. Okwethu wukuthi simsize ngayo yonke indlela,” kusho uConnor kwi-website yeSpurs.
I-Urban Warriors izobuyela enkundleni ngoweligi ngoMgqibelo iyobhekana neRoyal AM eCape Town Stadium ngo-5.45 ntambama.
ISekhukhune inomdlalo weConfederation Cup ngeSonto neRS Berkane ekuhambeni kweyamaqoqo.