SEKUPHELE amasizini ayishumi Amakhosi ezinkomishi zebhola laseNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs engafake lutho ekhabetheni kodwa iCarling Knockout Cup iwanika ingqayizivele yethuba lokugixabeza usihlalo, uKaizer Motaung Snr, ngesipho njengoba izolo ubegubha iminyaka engu-80 edla anhlamvana.
Ukuqeda kweChiefs endaweni ka-10 ngesizini edlule kwiligi, kuyiqhelelanise nethuba lokuwinela uMotaung isicoco se-MTN8 osekungumlando ukuthi sigoduke ne-Orlando Pirates.
Imibhiyozo ibisaphakile izolo ekomkhulu leChiefs, eNaturena kwazise bekuwusuku lokuzalwa lomsunguli welinye lamaqembu alandelwa kakhulu eNingizimu Afrika nakwizwekazi lonkana.
Nyakenye, uMotaung watshela abadlali baleli qembu ukuthi akukho okungamjabulisa njengokubabona bezakhela owabo umlando ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Enye yezindlela elula yokuqopha umlando eNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi usiza iqembu lakho lidle izinkomishi,” washo kanje uMotaung Snr edilini lokugubha engu-79 nyakenye.
IChiefs ivula iCarling ngomdlalo okungenzeka ubenzima neSuperSport United kwi-Last 16 ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku, ePeter Mokaba Stadium.
Kusukela kufike uNasreddine Nabi, likhulu ithemba kubalandeli ngokuphela kwendlala yezinkomishi kwiChiefs.
Ngesizini edlule, ezikaMotaung zaphuma ekuseni kulo mqhudelwano ziwashiswa ijezi AmaZulu FC ekhaya ngo 1-0 esigabeni sokuqala somqhudelwano.
Umphumela walokho kwaba iwona owaphoqa ukuba abaphathi beChiefs bakhulule emsebenzini uMolefi Ntseki, owayevele ethwele kanzima ehlaselwa abalandeli uma kubhimbe uhlelo.
Ukaputeni weChiefs, uYusuf Maart, obeyingxenye yemibhiyozo yayizolo, utshele abezindaba ukuthi ayikho into abayifisa njengokuwinela usihlalo iCarling.
"Usuku olukhethekile kithina sonke esiyingxenye yaleli qembu eseliphenduke umndeni weningini lethu," kusho lo mdlali.
"Kungenza ngiziwe ngihloniphekile ukuba umholi weqembu elasungulwa omunye wabaphathi bakanobhutshuzwayo abaphambili kwabake bakhiqizwa iNingizimu Afrika.
"Ayikho into engajabulisa mina nabadlali beChiefs njengokuqeda indlala yezinkomishi ngokumwinela iCarling esiyiqala ngoMgqibelo neSuperSport," kusho uMaart.
Amaphuzu akhethekile ngeChiefs neCarling:
*ICarling Knockout iyona inkomishi iChiefs esiyiwine amahlandla amaningi kunawo wonke amanye (13)
*IChiefs yagcina ukuyiwina: ngo-2010
*Umqeqeshi weChiefs owagcina ukuyiwina: Vladimir “VV” Vermezovic
*Kowamanqamu yagcina ngo-2015 (yashaywa iMamelodi Sundowns).
*Umphumela omkhulu kowamanqamu (Kaizer Chiefs 5-1 Jomo Cosmos, ngo-2001)
*IChiefs izihola phambili ngokudlala eyamanqamu (17)
*Abavikela isicoco: Stellenbosch FC
*Owamanqamu wale sizini ungoNovemba 30.