UMDLALI wePolokwane City, uBonginkosi “Mhlonishwa” Dlamini, uthi ukuzethemba abanakho njengamanje kubenza bangabi navalo lokubhekana nanoma yiliphi iqembu kwiBetway Premiership.
UDlamini ushayele iPolokwane igoli lokunqoba ihlula iRoyal AM ngo 1-0 kowePremiership ngoLwesithathu, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Bekuyigoli lokuqala esigabeni sePremiership kulo mdlali odabuka eMhlongo Farm, eMondlo, osadlale eyisithupha kuyo yonke imiqhudelwano.
Ujoyine iPolokwane ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiPlatinum City Rovers egawulwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.
IPolokwane ishaya i-AM nje beyize kulo mdlalo ihambela phezulu kulandela ukuguqisa iMamelodi Sundowns ngeSonto kungalindelwe, nosekuyibeke endaweni yesithathu kwi-log yePremiership ngemuva kokunqoba imidlalo emibili ilandelana.
“Okokuqala nje ngifisa ukuzwakalisa injabulo yami ngokushaya igoli lami lokuqala kulesi sigaba seBetway Premiership njengoba kuyisizini yami yokuqala ngidlala kuso. Ngikholwa ukuthi lokhu kuyisiqalo sezinto ezinhle engiphokophelele ukuzifeza njengomdlali webhola elikhokhelayo kulesi sigaba,” kusho uDlamini.
Uthe ukuqala kwabo isizini ngale ndlela kubanika umdlandla wokuqhubeka nokwenza kahle emidlalweni elandelayo.
“Inhloso yethu ukuthi singasuki kule ndawo esikuyona njengamanje kwi-log size siqede umzuliswano wokuqala, ngoba siyazi ukuthi ngomzuliswano wesibili kuzobe sekunzima, wonke amaqembu eselwela amaphuzu.”
Uveze ukuthi ukushaya iSundowns kufana nesikhuthazi esikhulu kubona nakweminye imidlalo yePremiership.
“Njengamanje sinokuzethemba okukhulu futhi asinalo uvalo lokubhekana nanoma yiliphi iqembu, yize sazi ukuthi imidlalo elandelayo ngeke kube elula kodwa sizimisele ukulwela ukubuya namaphuzu nakuyona.”
I-Rise and Shine eqeqeshwa nguPhuti Mohafe, iqale isizini ngesivuthevuthe inqoba imidlalo emibili ilandelana ngaphambi kokubuyiselwa kwamhlaba yi-Orlando Pirates ngesibhaxu sika 3-0, nokho yakwazi ukuvuka izithathe ibuya nephuzu ibambana ngo 1-1 neStellenbosch FC, okulandele ukuguqisa iSundowns.
Izobuyela ensimini ngowempindamshaye nayo iSundowns kowePremiership, ngoNovemba 6, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.