SuperSport United (1) 2
AmaZulu (0) 1
I-SUPERSPORT United ibuyele endaweni yesibili kwi-log yehlula AmaZulu emdlalweni weDStv Premiership eTUT Stadium, ePitoli, ngeSonto.
Amagoli eSuperSport ashaywe nguThapelo Maseko noGamphani Lungu esiwombeni ngasinye. ElaMaZulu libekwe enethini nguBongi Ntuli ngesesibili.
Ngokunqoba, iSuperSport ibuyele endaweni yesibili kwi-log, yagudluza i-Orlando Pirates ebikade ihlale kule ndawo emuva kokwehlula iCape Town City ngoMgqibelo.
La maqembu asembangweni wokuqeda endaweni yesibili ehambisana nethuba lokudlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. Kubukeka umjaho omkhulu ususele phakathi kweSuperSport neZimnyama kulandela ukushaywa kweKaizer Chiefs yiSekhukhune United.
Ngasohlangothini loSuthu, ukudliwa yiSuperSport kungenzeka kulufake obishini lwezembe kwazise lwehlukaniswe ngamaphuzu amane neMaritzburg United esemsileni we-log.
Enkundleni, AmaZulu yiwona aqale umdlalo ngegiya eliphezulu kodwa ahluleka ukuthola igoli ngokushesha. ISuperSport isheshe yakulungisa lokho, yavala amazibuko. Ngomzuzu ka-16 uMaseko uqobele phakathi ibhola eligotshwe nguLungu kwesokudla.
Emuva kwemizuzu emine, laba badlali baphinde banikana ibhola ngendlela efanayo kodwa wayilamula unozinti woSuthu, uVeli Mothwa ogcine eshayisana kabi noMaseko. UMothwa ugcine ephumile ngomzuzu ka-29, kwangena uJody February.
Esiwombeni sesibili, iSuperSport ibuyile yaqhubeka nokufaka ingcindezi kuMaZulu. Ngomzuzu ka-62, uLungu ushayele Amatsatsantsa igoli lesibili lomdlalo emuva kwebhola eligotshwe nguMaseko kwesokunxele. AmaZulu athole ithuba, uNtuli engqofela phakathi ibhola eligotshwe nguThembela Sikhakhane kwesokudla ngomzuzu ka-73.
Emuva kwaleli goli, Usuthu luqhubekile nokuhlasela kodwa lwagcina luhlulekile ukuthola igoli. Lona bekuwumdlalo wesibili ka-Ayanda Dlamini obanjiswe ebhentshini kulandela ukugudluzwa kukaRomain Folz obephikwa yimiphumela emihle. Kowokuqala Usuthu lwathola iphuzu lubambana neCity ngo-2-2.