IMAMELODI Sundowns Ladies izoqala ukuvikela isicoco seHollywoodbets Super League engakabuyi umqeqeshi wayo, uJerry Tshabalala, owamiswa ngoDisemba nyakenye.
Leli qembu lakhipha isitatimende limemezela ukuthi lo mqeqeshi, osedle izicoco ezinhlanu zeligi yakuleli kanye neCaf Champions League neBanyana Ba Style, umisiwe ngenxa yezinsolo zokungaziphathi kahle.
Kulesi sitatimende iSundowns yathi isiqashe inkampani yabameli iBowmans ukuthi yenze uphenyo kulandela izikhalazo zabadlali besifazane, nakuba ingadalulanga ukuthi zimayelana nani.
ISundowns izodlala umdlalo wayo wokuqala wesizini ka-2025 neJVW FC eLucas Moripe Stadium kusasa ngo-3 ntambama.
Kuvele imibiko yokuthi enye yezinkakha zeqembu labesilisa leSundowns, uGodfrey Sapula, uyena ozobe ephethe izintambo kulo mdlalo.
Okhulumela iSundowns, uShupi Nkgadima, uthe iqembu lizosimemezela ngokuhamba kwesikhathi isinqumo sayo ngoTshabalala, nezinhlelo zale sizini.
ISundowns Ladies ibe ngompetha beligi yakuleli okwesihlanu kulandelana ngesizini edlule ngesikhathi iqeda esicongweni ngamaphuzu angu-83 emidlalweni engu-30.
IJVW izobe idlala okwesibili kule sizini njengoba inqobe omakoit, i-Ezemvelo Women’s FC, ngo 3-2 ngempelasonto edlule.
Ngesizini edlule iSundowns neJVW babambana ngo 1-1 eSoweto, kwathi umdlalo wesibili owawusePitoli wanqotshwa yiSundowns ngo 1-0.
Lo mdlalo uzokwandulelwa ngomunye weSuper League phakathi kweTUT Matsatsantsa Ladies neFirst Touch Ladies, ozoqala ngo-11.30 ekuseni.
IFirst Touch yenze kahle ngesizini edlule iqeda endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-44, kanti iTUT yaqeda endaweni ka-11 ngamaphuzu angu-35.
Ngesizini edlule iFirst ouch yaguqisa iTUT ngo 3-2 ePitoli, yaphinde yayizebula ngo 4-1 eLimpopo.