SuperSport United (0) 0
Mamelodi Sundowns (2) 2
IMAMELODI Sundowns iphule elinye irekhodi leKaizer Chiefs ngesikhathi iphindela esicongweni se-log yeDStv Premiership, ngemuva kokwehlula iSuperSport United ngoLwesithathu ebusuku emdlalweni wabakhaya baseTshwane, eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
Amagoli eSundowns ashawe nguPeter Shalulile, noLucas Ribeiro esiwombeni sokuqala.
AmaBrazilians angene enkundleni ebheke ukuthola amaphuzu amathathu azowabuyisela esicongweni se-log yePremiership, kulandela ukugudluzwa kwawo yiCape Town City ngempelasonto edlule. Ngokunqoba, iSundowns inyukele esicongweni ngamaphuzu angu-27 emuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye. ICity inamaphuzu angu-25 emuva kwemidlalo engu-13.
Ngaphandle kokucosha amaphuzu amqoka, iSundowns iqophe irekhodi lokuwina imidlalo yokuqala eyisishiyagalolunye yesizini. NgoSepthemba ishaye iStellenbosch, yafica irekhodi leKaizer Chiefs lango-2014 lokuwina imidlalo eyisishiyagalombili yokuqala yesizini.
Ukwehlulwa kweSuperSport kuphazamise injabulo yokubuyela ekhaya layo, iLucas Moripe Stadium, elivalwe yiPSL ngesizini edlule ngenxa yokuba esimeni esingesihle.
Emdlalweni, iSundowns eqalise ebhentshini izethenjwa zayo okubalwa uThemba Zwane, noTeboho Mokoena, isheshe yazinza. Ngomzuzu wesithathu uLucas Ribeiro ushaye ishodi kodwa ibhola laphuma phezu kwepali. Emuva kwalokho iSuperSport ikhombise ukuvuka, yahlasela iphindelela kodwa yehluleka ukushaya igoli. Ngomzuzu ka-30, uGrant Margerman ucishe walishaya ngakubo ibhola ezama ukukhipha umhlola ekhaya emuva kokuthi iSundowns igqashuke kuyikhona yaMatsatsantsa. Emuva komzuzu kwenzekile lokho, uShalulile uvalele phakathi ibhola eligotshwe nguLebohang Maboe kwesokunxele. Ngomzuzu ka-45, uRibeiro ushayele iSundowns igoli lesibili emuva kwe-free kick kaNeo Maema.
Ekuqaleni kwesiwombe sesibili, iSundowns ifake uMokoena endaweni kaThapelo Morena, yaqhubeka lapho igcine khona nokuhlasela. Nokho ibisihluleka ukusebenzisa amathuba ikakhulu uRibeiro oseyishayele amagoli ayisikhombisa kule sizini. Izinguquko ezenziwe ngumqeqeshi weSuperSport, uGavin Hunt, azithelanga zithelo.
Emdlalweni olandelayo ngeSonto ngo-3 ntambama, iSundowns izovakashela iTP Mazembe emdlalweni wesibili wesigaba samaqoqo weCaf Champions League eStade TP Mazembe, eDemocratic Republic of Congo (DRC).
ISuperSport izokwamukela i-USM Alger yase-Algeria kowesigaba samaqoqo weCaf Confederation Cup ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.