TS Galaxy (0) 1
Mamelodi Sundowns (0) 1
KUCISHE kwanyomfeka izifiso zeMamelodi Sundowns zokuqopha umlando wokudlala isizini yonke ingayazi induku kulandela ukucazelana kwayo ngamaphuzu ne-TS Galaxy emdlalweni obushube ngezindlela eziningi weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku eMbombela Stadium, eNelspruit.
Ngaphandle kwerekhodi lokungashayeki, ompetha beligi baphinde bengeza kwirekhodi labo lamaphuzu amaningi kunawo wonke ngesizini kusukela ngo-1996 abaliqophe ngokunqoba kwiRoyal AM ngempelasonto edlule. ISundowns isinamaphuzu awu-73 esicongweni se-log.
Kuthathe imizuzu engu-78 ukuthi umdlalo ubone igoli lawo lokuqala ngonyawo, lukaPuso Dithejane, kwadlula imizuzu eyisikhombisa, uPeter Shalulile, walinganisela iSundowns.
Ngaso sonke isikhathi uma iqembu lasekhaya lihlasela ngejubane bekuba nethemba kubalandeli kodwa isikhathi esiningi amabhola obekufanele abe ingozi, abephelela ezandleni, zikaRonwen Williams, obevimbele iSundowns.
Obekucaca ukuthi womabili la maqembu abengazele ukuzoncengana njengoba noqina-thambo nokuphakama kwemimoya bekusobala zinhlangothi zombili.
Size saphela isiwombe sokuqala umdlalo uheha kodwa ingekho iminyakazo ethusayo eqhamuka kuwona womabili amaqembu.
Kusobala ukuthi umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena, uqaphele okuthile ngesikhathi sekhefu kwazise esiwombeni sesibili ubuye, ngoMothobi Mvala noLebohang Maboe, abangenele, uSipho Mbule noMarcelo Allende, obese enekhadi eliphuzi.
Akuzange kuthathe umzuzu ukuthi uMvala azithole esesemabhukwini kanondweba kulandela ukudlalisa kwakhe kabi, uBradley Mojela.
Izinguquko zikaMokwena kube sengathi zikhuphula umdlalo weGalaxy kwazise iyona futhi ebifika kaningi ezintini zeSundowns kodwa amathuba aphelele ezandleni zikaWilliams.
Nakuba uMokwena ubeqhubeka nezinguquko njengoba ekhiphe, uTashreeq Matthews noLesiba Nku, wafaka uSiyabonga Mabena noNeo Maema, ezindaweni zabo kodwa imimoya ibingamile ukuphakama kuwona womabili amabhentshi.
Ligcine livelile igoli lokuqala lomdlalo ngesikhathi uDithejane ebeka iGalaxy ebuhleni ngegoli elihlanyise umqeqeshi wakhe, uSead Ramovic, okuvela ukuthi ufake uMokwena enkantolo.
Ngesikhathi kubukeka sengathi iSundowns izoshaywa okokuqala kule sizini, uShalulile uyishayele elokulinganisa kulandela ibhola elihle, lika-Aubrey Modiba, sekusele imizuzu emihlanu ukuba umdlalo uphele.
Emuva komdlalo sisukile isidubedube njengoba bekulindelekile kusukela kuvele eyokuthi iGalaxy imangalele uMokwena.
Abazange babhekane nangeso emuva komdlalo uRamovic noMokwena kodwa omunye obesebhentshini leSundowns ubonakale eshayisana ngezifuba noRamovic.
Ngaphambi kokuqala lo mdlalo kuvele imibiko ethi uRamovic neqembu lakhe sebefake uMokwena enkantolo ngamagama awasho ngesikhathi la maqembu ebhekene emdlalweni wawo odlule. UMokwena wasola uRamovic ngokuhlohla abadlali bakhe ukuthi baqinise unyawo nokwaholela ekutheni kulimale uBongani Zungu.